IZIMEYA zemikhandlu yaKwaZulu-Natal zithembise ukuqinisa isandla ezipaza ezidayisela izingane ukudla okunobuthi.
Imeya kaMasipala wesifunda iKing Cetshwayo nekaMasipala wasoPhongolo zithembise ukwenza isiqiniseko sokuthi iyalandelwa imithetho elawula izipaza njengoba zanda izigameko ezibikwayo zezingane eziguliswa ukudla okunobuthi ezikuthenga ezipaza.
Izimeya zikusho lokhu ngesikhathi zethula izinkulumo emva kokuqokwa kwazo emihlanganweni yemikhandlu.
Yomibili imikhandlu iphethwe i-IFP, izimeya ziqokwe ngaphandle kokuphikiswa.
KuMasipala wesifunda iKing Cetshwayo kuqokwe uMnuz Sikhumbuzo Dlamini, obevele ebambe njengemeya.
UDlamini unxuse abantu ukuba babe ingxenye yokuqeda ukudayiswa kokudla okunobuthi.
“Kungiphula umoya ukubona izingane ziguliswa ziphinde zibulawe ukudla okunobuthi. Sizothatha izinyathelo ezinqala, senze isiqiniseko sokuthi imithetho iyalandelwa. Le mpi ngeke siyinqobe sisodwa. Sinxusa amakhosi kanye nezizwe ukuba basebenze nathi, sikhiphe ukudla okunobuthi ezipaza.”
UDlamini uqokelwe kweseMeya yalo mkhandlu emva kokushiya kosenguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
UDlamini uthe uNtuli ushiye isisekelo esihle.
“Sizohamba ezinyathelweni zakhe. Ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wokugcina kulo mkhandlu, wacaphuna umbhalo okhuluma ngoshintsho oluzayo. Manje siyalubona lolo shintsho.”
UDlamini uthe umasipala uzobeka phambili olwengqalasizinda yamanzi.
Umasipala unesabelomali sika-R1.5 billion, uDlamini uthe kulo nyaka babeke eceleni u-R703 million abazowusebenza ezinhlelweni zamanzi.
OPhongolo kuqokwe uMnuz Bhekinkosi Thwala, naye obevele ebambe njengemeya.
UThwala uthe muva nje oPhongolo izingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi, iSimunye, ziphuthunyiswe esibhedlela emva kokuguliswa ukudla okunobuthi.
UThwala uthe emva kwalesi sigameko bagasele ezitolo eziningi.
“Sifike savala inqwaba yezitolo zabokufika esithole ukuthi aziyilandeli imigomo. Sisazogasela nakwezinye izitolo eziphethwe abokufika, sibheke ukuthi azikho yini ezidayisa ukudla okunobuthi.”
UThwala uqokelwe kulesikhundla emva kokushiya kukaNksz Velephi Sikhosana.
UThwala uthe ukhathazekile ngokwanda kwezingozi emgwaqweni owuthelawayeka, uN2.
Uthe iningi lalezi zingozi lidalwa imfuyo engaluswa, wanxusa abantu ukuba baqinisekise ukuthi imfuyo yabo ayibi uvanzi emgwaqweni.