IZIKHUKHULA ezishiye kukhalwa ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal zidalwe ukunyakaza komhlaba, kwawa izindonga, izindlu nemigwaqo yabhodloka.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe imvula ebina kusukela ngoLwesihlanu kuze kube uMsombuluko ekuseni iholele ekutheni inhlabathi inyakaze okushiye abantu abaningi belinyalelwe imizi.
"Ngo-2011, 2017 nango-2019 saba nezikhukhula eThekwini. Ngaleso sikhathi kwakusolwa ukuthi imfucuza elahlwa budedengu ivala amapayipi ahamba amanzi emvula. Kulokhu kwenzeke okwehlukile, inhlabathi ezindaweni eziningi ibigugulwa amanzi kuwe izindonga nemizi,“ kusho uKaunda.
Uqhube wathi okwamanje akukakaziwa ukuthi umonakalo owenzeke kulo masipala ungalinganiselwa kumalini ngoba amathimba ezinhlekelele ebesaqhubeka nokutakula abantu.
“Okuhamba phambili kithina njengamanje ukuthi sihlenge impilo, siyazi ukuthi kwezinye izindawo ugesi namanzi akukho ngenxa yazo izikhukhula. Sicela umphakathi usibekezelele, abasebenzi bethu bayazama ukuyilungisa inkinga kodwa ziningi izindawo ezonakele,” kusho yena.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal uthumele isitatimende uthi amathimba ezinhlekelele asaqhubeka nokutakula ezindaweni eziningi.
“Omasipala abathinteke kakhulu yiTheku, iLembe noMzumbe. Abahlala emijondolo sizozama ukubasiza ngokubanikeza izinsiza zokuthi baqale phansi bakhe imijondolo yabo,” kusho uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala.
Izangoma zezulu, iSouth African Weather Service (Saws), zithe izinga lobungozi obungadalwa yimvula selenyuselwe esigabeni sesishiyagalolunye, okusho ukuthi maningi amathuba okuthi kwenzeke umonakalo omkhulu.
Lishone elangoMsombuluko seliphenyile kwezinye izindawo. Nokho izangoma zezulu zithe kuMasipala weTheku nasezindaweni ezisogwini kusalindeleke ukuthi liqhubeke line.
USolwazi Tafadzwana Mabhudi, wenyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe ukuhlasela kwemvula enkulu ngesikhathi esincane, okwaziwa ngeflash flooding, kuhambisana nokushintsha kwesimo sezulu okukhona njengamanje.
“EThekwini kube nemvula engaphezulu kuka-200 millilitres esikhathini esingamahora angu-24. Imvula enjengalena kunamathuba amaningi okuthi sibe nayo noma kungathiwa kunesomiso njengoba kunezindawo eKZN ezingakaphumi esomisweni. Indlela yokuthi sigweme ukulimala kwezakhiwo ngale ndlela ukuthi uma kwakhiwa kusetshenziswe onjiniyela abazokweluleka ukuthi izakhiwo ezinjani okumele zakhiwe, okungeke kube lula ukuthi zidilike kalula uma kuba nesimo sezulu ezinjengalesi,” kusho yena