IZIKHUKHULA nokunqamuka kukagesi kuholele ekutheni umnotho waseNingizimu Afrika wehle ngo-0.7% ekoteni yesibili ka-2022.
IZIKHUKHULA nokunqamuka kukagesi kuholele ekutheni umnotho waseNingizimu Afrika wehle ngo-0.7% ekoteni yesibili ka-2022.
Lezi zindaba zidalulwe wuStatistician-General uMnuz Risenga Maluleke, oyisikhulu seStatsSA eyenza ucwaningo ngakho konke okuthinta iNingizimu Afrika.
“Umnotho wehle ngo-0.7% ekoteni yesibili yonyaka. Okusho ukuthi awukhulanga. Sibona usesigabeni esifanayo naleso owawukuso ngesikhathi seCovid-19. Ukunqamuka kukagesi obekuqhubeka ekuqaleni konyaka kube nomthelela omubi kakhulu ekukhuleni komnotho ngoba uma ungekho ugesi, izimboni azikwazi ukukhiqiza kahle impahla. Izikhukhula zaKwaZulu-Natal nazo zibe nomthelela omubi ngoba kumosheke ingqalasizinda, kwavalwa izimboni ezinkulu ezisemkhakheni wezokukhiqhiza ngesikhathi kukhucululwa umonakalo,” kusho uMaluleke.
Uthe imikhakha eyehlile ngowezolimo owehle ngo-7.7% njengoba imfuyo kuyiyona eyehle kakhulu.
Kube wumkhakha wezokukhiqhiza owehle ngo-5.9%. Imikhiqizo eyehlelwe ngamandla ngowe-petroleum, chemicals, rubber and plastics, owezimoto, izinsimbi ezihlukene neziphuzo.
Umkhakha wezimayini nawo wehle ngo-3.5% njengoba kwehlile ukumbiwa kwegolide, amalahle, i-manganese ore namadayimane ngekota yesibili.
Omunye umkhakha owehlile owezokwakha, wehle ngo-2.4% kuthiwa kwehlile ukwakhiwa kwezindlu nezinye izakhiwo ngekota yesibili.
UMaluleke uthe ukwehla komnotho kusho ukuthi abantu bebengenayo imali eyanele yokuthenga zonke izidingo zabo, okubalwa ukudla, utshwala, ugwayi, ifenisha, izingubo zokugqoka nokunye abakudingayo.
Uveze ukuthi yize eminye imikhakha izamile ukwenza kahle, abale kuyo owezokuthutha nowezezimali kodwa kayivimbanga ukuthi kwehle umnotho.
Izazi zomnotho, okubalwa uSolwazi Bonke Dumisa azithukanga ngokwehla komnotho wakuleli ngoba bezivele ziqagule ukuthi umnotho kawenzanga kahle ngekota yesibili.
UMnuz Chifi Mhango oyiChief Economist kwiDon Consultancy Group, uthe izinto azihambanga kahle ngekota yesibili yonkaka ngoba imikhakha eminingi ibingasebenzi ngokugcwele.
Uthe isimo mhlawumbe sizoba ngcono manje kodwa inkinga yokunqamuka kukagesi isabakhathaza ngoba uma ungekho ugesi lokho kuba nomthelela omubi ezimbonini nasekukhuleni komnotho.
Khonamanjalo i-Eskom imemezele ukuthi izonqamula ugesi ngokwesigaba sesibili, kusukela izolo kuze kube wuMgqibelo.