ABANTU baseMshwathi badonswe ngendlebe ukuba bangalinge bashise ingqalasizinda esikhona ngoba kukhona abayidingayo. IMeya yakuMasipala yaseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi, isho kanje ngesikhathi yethula imigwaqo eyakhiwe ezindaweni ezingaphansi kuka-ward 2 izolo.
Uthe lemigwaqo enetiyela yayicelwe ngabantu baseMshwathi ngoba babekhala ngokuthi akuhambeki kalula.
"Wasabela lohulumeni olalelayo, abewusho uSomlomo waseMshwathi (uNkk Sbongile Mbatha-Ntuli), uhulumeni ka-ANC. Sinokuziqhenya namhlanje ukuthi sizowethula yonke lemigwaqo esinetiyela. Asigcinile lapho siyazi kuningi okusadingwa wumphakathi wakithi. Kancane kancane, ngokubambisana nani, sizogcina sokuqede konke," kusho uZondi.
Eqhubeka uZondi unxuse umphakathi ukuba uyinakekele ingqalasizinda.
"Ngicela ukululeka ukuthi izidingo esizidingayo kuhulumeni asikazitholi zonke kodwa akusho ukuthi uma ungakatholi okunye, bulala okukhona. Funa okunye kodwa sewazi ukuthi kukhona osukubeke eceleni. Ungathi uma ufuna umtholampilo bese uthi uzoshisa ihholo."
UZondi ubuye wethula isikhungo okuhloswe ngaso ukufukula amakhono abantu bendawo yaseThokozani ku-ward 1.
Uthe bafuna iThokozani Elderly Centre ingagcina ngomphakathi waseThokozani kuphela kodwa isize wonke umphakathi waku-ward 1.
"Umuntu omdala olalayo, olokhu ephenduka nelanga, ugcina engasaphilile kahle. Ukusuka nje ekhaya, ufike uze lapha." Esephetha uZondi uphonselele inselelo umphakath ukuba usiphathise okwezikhali zamaNtungwa futhi waluleka intsha ukuba ugade kahle abantu abadala.
*Khonamanjalo kube injabulo yodwa ngenkathi umphakathi waseMshwathi k-Ward 3, endaweni yaseMthizane ngenkathi ubuholi bukamasipala bethula ngokusemthethweni iNqolayolwazi Crèche.
UZondi ubonge umndeni wakaJila ngokuthi unikele ngendawo ngaphandle kokufuna inkokhelo. Induna yakulesi sigodi icele umphakathi, ikakhulukazi izinsizwa, ukuthi zibe yiso nomvikeli walesi sakhiwo esikade saba isidingo.
Kuphinde kwanenhlokomo nasemphakathini waseCool Air ku-Ward 7 ngesikhathi wemukela ngokusemthethweni isikhungo samakhono, iCool Air Skills Centre, okuyisakhiwo esidle umhlanganiso kwisifundazwe sase KZN ngokuba isakhiwo esiseqopheleni eliphezulu.
Lesi sakhiwo sizoqeqesha amakhono ahlukahlukene, okubandakanya ulwazi lwama-computer.
Ubuholi bukhulume nezindimbane zamalunga omphakathi obuyingxenye yokuvulwa kwalesi sakhiwo.