KULOKHU le ngosi ikulethela umculi kamaskanda osezakhele udumo nogazi olukhulu kubathandi balolu hlobo lomculo. Igama lakhe langempela nguScebi Dlamini kodwa emculweni udume ngeleNkosi YamaGcokama. Ngokuzalwa ungowaseMaChunwini, eMsinga. UNKOSIKHONA CELE uxoxe naye kabanzi ngezindaba zenkolo.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona, uma likhona yini igama lalo futhi yini oyithandayo ngalo?
SD: Ngiyilungu lokuqina lebandla laseZayoni, iCornerstone. Ukushunyayezwa ngeqiniso ngenye yezinto edala ukuthi ngikuthande kakhulu ukukhonza kuleli bandla.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elibanzi nelijulile, ngabe yiziphi izinto ezimbili ezimqoka kakhulu ombonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi akubusise ngazo futhi zibaluleke kangakanani empilweni yakho.
SD: Okokuqala nje; ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi angibusise ngethalente lami lokucula ngoba phela yilona elidala ukuthi ngikwazi ukubeka isinkwa etafuleni. Okwesibili; ngithanda ukumbonga kakhulu ngokungigcinela wonke amalungu omndeni wami asadla anhlamvana kuze kube yimanje.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima kakhulu osuke wabhekana naso empilweni yakho ombonga uNkulunkulu ngokukuhlenga ngesikhathi ubhekene naso?
SD: Yebo, ngomunye unyaka sihamba nabanye abafowethu siseThekwini, kwavele kwaqhamuka indoda engaziwa yamane yasidubula nje singenze lutho. Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi sasinda sonke kuleso sigigaba esangithusa kakhulu.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi usho ukuthini kweyakho impilo?
SD: Umkhuleko uyikhona konke kweyami impilo ngenxa yokuthi ngikhuliswe vele emndenini obuwazisa kakhulu umkhuleko.
NC: Ngabe yini le eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo eminyakeni ezayo futhi ibaluleke ngani kuwena?
SD: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu anginikeze amandla enele okuthi ngikwazi ukwakha ikhaya lami ngoba ekhaya khona sengikwazile ukuthi ngibakhele umuzi.