INKATHA Freedom Party (IFP) isethubeni elihle lokubuyela emandleni okuphatha isifundazwe ngemuva kokhetho lwanonyaka, uma imiphumela yokhetho lokuchibiyela ingasetshenziswa ukwakha isithombe sokuthi abavoti bamiphi ngamaqembu amakhulu KwaZulu-Natal.
I-ANC yehlulekile ukunqoba kumawadi amabili obekunokhetho lokuchibiyela kuwo, ngoLwesithathu KwaZulu-Natal. Kwacaca ukuthi uMkhonto weSizwe ulidungile ivoti layo.
Kula mawadi kuhlale obala okwezinqe zesele, ukuthi ukusunguleka koMkhonto weSizwe kudale omkhulu umonakalo kuKhongolose. Ukhetho lokuchibiyela beluseWard 2 kuMasipala wasoPhongolo.
Kule wadi okunqobe kuyo i-IFP ngamavoti angu-890, uMkhonto weSizwe uthole amavoti angu-687, kwathi i-ANC yona yathola angu-817.
Umhlaziyi wezepoliti, uMnuz Thabani Khumalo, uthe le miphumela iyizinkomba zokuthi i-ANC isazoqhubeka nokudonsa ngodizili okhethweni oluzoba KwaZulu-Natal, okungaba yinkomba yokuthi izinto zizogeleza kanjani okhethweni lwesifundazwe.
UKhumalo uthe ubona i-ANC izohluleka ukugcina iKwaZulu-Natal okhethweni oluzokuba kulo nyaka.
“I-ANC ngiyibona isazoqhubeka nokuba wukudla kwenduku. Ngokwami ukubona i-IFP yiyona ezokwazi ukuthola amavoti amaningi kodwa ngeke ithole amavoti anele, ukuthi ibuse ngokuzimela. Ngibona uMkhonto weSizwe uzolala isibili, bese i-ANC yona ilale isithathu.”
I-IFP inesivumelwano sokusebenzisana ne-DA. Abaningi abalindele ukuthi ingasivuselela uma idinga amavoti azoyinika isifundazwe.
UKhumalo uphawula kanjena nje kunocwaningo olusanda kukhishwa olukhombisa ukuthi uMkhonto weSizwe uzofika kuzwakale okhethweni oluzayo.
Ucwaningo olwenziwe yiSocial Research Foundation, lukhombisa ukuthi uMkhonto weSizwe uzothola u-24% wamavoti KwaZulu-Natal.
UKhumalo uxwayise ngokuthi akusiyona i-ANC kuphela ezolahlekelwa.
“I-IFP nayo izoshayeka. I-IFP ne-ANC badoba esizibeni esisodwa. UMkhonto weSizwe uzothatha amavoti kuso lesi siziba. Uma uzokhumbula kahle i-IFP yalahlekelwa yiKwaZulu-Natal ngesikhathi uZuma eqokelwa kwesikamengameli.
Ukuvela koMkhonto weSizwe kunyakazisa isimo sezepolitiki KwaZulu-Natal.”
I-IFP iphinde yanqoba ukhetho lokuchibiyela obeluseWard 11 kuMasipala waseNewcastle. Yiwadi ibikade iphethwe yi-ANC.
NgoMashi kuzokuba nokhetho lokuchibiyela emawadini amathathu akulo masipala, kulandela ukusula kwamakhansela e-ANC.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe imiphumela yokhetho lokuchibiyela ikhombisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayaqhubeka nokwethemba i-IFP.
UNtuli ubonge amagalelo omsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.
“Sinxusa amakhansela amasha ukuba asebenze ngobuqotho, alandele izimfundiso zikaShenge. La makhansela sibheke ukuthi aveze izifiso zabantu basoSizweni nabaku-Ward 2 kuMasipala wasoPhongolo.”
Okhulumela uMkhonto weSizwe, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe imiphumela ikhombisa ukuthi abantu sebelitholile ikhaya labo elisha lezepolitiki.
Khonamanjalo i-ANC iveze ukuthi izofaka isikhalazo ngokhetho lokuchibiyela obeluku-Ward 2 kuMasipala wasoPhongolo.
Unobhala we-ANC esifundeni iMzala Nxumalo, uMnuz Ntokozo Nxumalo, uthe bathole ukuthi kunabantu abangahlali kule wadi ababhalisele ukuba bavote okhethweni lwangongoLwesithathu.
“Umthetho awuvumi ukuthi umuntu avote ewadini angahlali kuyona. Silindele ukuba inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission, iphenye lezi zinsolo.”