UKUTAPA kwamalungu omphakathi ngonyaka odlule kushiye umkhandlu weBig 5 eHlabisa, usosizini ngoba osomabhizinisi bathathe isinqumo sokufuduka ngaphansi kukamasipala.
Lokhu kudalulwe yiMeya yomkhandlu, uMnuz Comfort Khumalo emcimbini wohlelo lentuthuko edidiyelwe eHlambanyathi, eHluhluwe.
Uthe umkhuba omubi uholele ekutheni osomabhizinisi bangayingeni eyokufaka umnotho emkhandlwini.
"Izibhelu zokutapa kwabantu ezadalwa yilabo ababebhikishela ukuboshwa kowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, zisimoshele kakhulu. Ngamangala nje ukuthi kungani abantu babefuna uZuma emafrijini enyama. Lento isibuyisele emuva kakhulu emnothweni siwuHlabisa, njengoba kukhona izingane zabantu ezihlezi emakhaya kumanje ngenxa yokulahlekelwa wumsebenzi," kukhalaza uKhumalo.
Eqhuba uthe, umsebenzi ababhekene nawo ukunxenxa osomabhizinisi ukuthi batshale imali futhi bazikhangise kubo ukuze bazi ukuthi yini edingakalayo endaweni ukuze bayithuthukise.
Umcimbi ubuhanjelwe yizikhulu zikamasipala waseBig 5 Hlabisa, amakhansela namalungu omphakathi.