Zakhala kanye kwasa:
Yini ekhalayo: Yizinkukhu. Uma sekusile bekuvame ukuzwakala ngokukhala kwezinkukhu ikakhulu, iqhude likikilida. Ngokuvamile izinkukhu noma iqhude zikikilida izikhawu eziningi kucace ukuthi kusile.
Uma kuthiwa zakhala kanye kwasa kusuke kuqondwe ukuthi kusile khona engqondweni yomuntu othile kodwa hhayi kahle kufaniswa nokuthi washeshe wavuka, kungakasi kahle. Lokhu kusuke kushiwo uma kungabazeka ukuphila kahle emqondweni kumuntu.
Ukuthela kamuva njengembumba:
Imbumba yisithelo esisanhlamvu njengobhontshisi futhi iyaphuza ukuthela. Uma isitshalo sikhipha okudliwayo, kuthiwa siyathela. Lesi sisho sikhuthaza ukwenza izinto ngesikhathi, ungahlali ungumvakwezinye.
Uma kuthiwa umuntu uthela kamuva okwembumba usuke ehlala esalela emuva uma kwenziwa izinto.
Ukugeqa amagula sengathi uyemuka :
Ukugeqa wukuthulula noma wukukhipha konke okuphakathi. Igula yisitsha esakhiwe ngoselwa okugcinwa kusona amasi. Uma umuzi uthutha kuyiwa kwenye indawo bekugeqwa amagula kuqedwe wonke amasi ukuze kuhanjwe nawo elula.
Uma umuntu exoxa ekhipha konke okusenhlizweni ngesikhathi esisodwa, kuyaye kuthiwe ugeqa amagula sengathi uyemuka.
Ulwazi lucashunwe encwadini kaMnuz Phumani Emmanuel Zondi ethi Siphuza Emthonjeni Yokhokho.