OSOMABHIZINISI bakuleli bazothola ithuba elingandele bani lokuheha abatshali zimali bamazwe abeza no-10 million USD kwi-World Business Angels Investment Forum ezoba seThekwini, ngoNovemba.
USihlalo webhodi labaqondisi beWorld Business Angels Investment Forum, uMnuz Baybars Altuntas, uthe abatshali zimali abazoza ngoNovemba bahlukile kwabanye ngoba bakhipha imali emaphaketheni abo bayifake emabhizinisini emikhakheni ehlukene.
Uthe bafuna ukubona imiphumela emihle eminyakeni emihlanu kuya kweyisikhombisa.
“Abatshali zimali abazobe belapha bazoza no-10 million USD abazowutshala emabhizinisini ase-Afrika. Bazokhetha osomabhizinisi abawu-100 kulabo abazongenela. Ingqungquthela izoba ngoNovemba 20 kuya kuNovemba 23. Imininingwane yokungenela itholakala ku-https://wbaf2023.org/,” kusho u-Altuntas.
Uveze ukuthi osomabhizinisi abakhethiwe bazoqeqeshwa ukuze bakwazi ukuheha abatshali zimali.
Ugqugquzele osomabhizinisi abafuna abatshali zimali ukuba bazi kabanzi ngamabhizinisi abo nezinhlelo zokuwakhulisa futhi kube ngabantu abazithembayo ngoba abatshali zimali bafuna imiphumela.
Imingenelo ivulwe kusuka ngoMeyi 15, izovalwa ngo-Okthoba 15.
Inhloko yoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Nkontwana, uchaze ukuza kwengqungquthela njengengqophamlando kwazise iyaqala e-Afrika.
Uthe izosiza osomabhizinisi bahehe amakhasimende akwamanye amazwe kwazise abatshali zimali abezayo bavela emazweni ahlukene.
“Ngonyaka odlule le ngqungquthela yayise-Turkiye lapho sabona khona okwakwenziwa ukukhulisa amabhizinisi. Sifuna abantu abasha babe ngosomabhizinisi, badale amathuba omsebenzi. Asisafuni ukukhiqiza abantu abafuna umsebenzi sesifuna abazoqasha abanye. Sizobalekelela osomabhizinisi ukuze bafike nezinhlelo zebhizinisi ezicacile kubatshali zimali,” kusho uNkontwana.
USihlalo wekomiti lokuthuthukiswa komnotho kuMasipala weTheku, uMnuz Thembo Ntuli, uthe bafuna ukusebenzisa isayensi nobuchwepheshe ukukhulisa umnotho.
Uveze ukuthi basebenze kanzima ukulungisa ingqalasizinda yemigwaqo neyamanzi emuva kwezikhukhula.
“Sibeke uR2 billion wokuvuselela ingqalazisizinda kagesi nokuletha ezinye izinhlobo zikagesi ukulwa nenkinga yokunqamuka kwawo. Sizoqinisekisa ukuthi le ngqungquthela iphephile, ayinazo izigameko ngoba iTheku likulungele ukwenza ibhizinisi nawo wonke umuntu,” kusho uNtuli.