IYINZUKAZIKEYI indaba yezigameko zezingane ezidle ukudla okunobuthi zagula muva nje.
Umphakathi usola uhulumeni ngokudedela abantu bangaphandle ukuthi bavule izitolo badayise ukudla, okusolwa ukuthi yikho okunobuthi obugulisa abantu ikakhukazi izingane. Ngaphezu kwalokho usolwa ngokuthi awulwenzi uhlelo lokuhlola ukuthi izitolo ziyayilandela yini imigomo. Uhulumeni ngakolunye uhlangothi uyavuma ukuthi imithetho alawula ama-Tuckshop ayikho yize ikhona eminye imithetho. Ukhomba umphakathi, uthi unamandla okukhetha ukungathengi ezitolo uma usola ukuthi zidayisa ukudla osekonakele noma okunobuthi. Abazali kuthiwa yibo ababeka izingane engcupheni ngokuzinika imali yokuthenga. Amaqembu ezepolitiki athi uhulumeni akaqhamuke nesu elizonqanda le nkinga.
Usoseshini wezitolo eziseduze nabantu iSpaza and Tuckshop Association, uthi abanikazi bezitolo bangaphandle bathenga ukudla okungombombayi okukhiqizwa ezindaweni ezingafanele okufana nokukhiqizwa yizinkampani ezinkulu ezikuleli.
UMnuz Sibusiso Ngcobo weSpaza and Tuckshop Association, uthe lo soseshini uqale ukubona izinkinga emkhakheni wokudayisa ezitolo eziseduze ngo-2016. Ngaleso sikhathi bebebona abangaphandle abanezitolo bedayisa imikhiqizo efana neyabo ngemali encane.
Uthe bekulokhu kuthiwa osomabhizinisi bangaphandle bathenga ngokuhlanganyela ema-wholesale kanti akunjalo, bathenga ezindaweni ezaziwa yibo kuphela ezizikhiqizela imikhiqizo yakuleli ngokungemthetho.
“Akuwona ama-snacks kuphela yonke into ongayicabanga. Besikhuluma nohulumeni ngalokhu kunganakwa manje sekuvele obala. Ama-snacks okusuke kuthiwa agulise izingane anamagama afana nakhiqizwa kuleli kodwa agulisa izingane asuke ethengwe ezitolo zabokufika okuchaza kona ukuthi kusuke kungewona awangempela kufana iphepha nokubukeka kwawo kodwa bona bazakhele awabo,” kusho uNgcobo.
Uthe okunye abakutholile ukuthi iningi lalabo somabhizinisi alinawo amaphepha okuba kuleli, kodwa kuyenzeka izitolo eziyisithupha zisebenzise iphepha elilodwa lokuhweba.
Emasontweni amahlanu kuleli kufe izingane ezingu-11 zibulawa ukudla okunobuthi. Kuzo ezingu-10 ezaseGauteng eyodwa e-Eastern Cape. KwaZulu-Natal nakhona zikhona izigameko zezingane eziphuthunyiswe ezikhungweni zezempilo ngemuva kokudla ama-snacks ahlukene kodwa ayikho eshonile. Ezigamekweni eziningi kubalwa ukuthi izingane zidle ama-snacks, uswidi namabhisikidi. Inqwaba yabafundi iphuthunyiswe ezikhungweni zezempilo ezehlukene ezifundazweni ezehlukene okuyiGauteng, KwaZulu-Natal, Free State ,iMpumalanga neLimpopo.
Isikhungo esibhekele ukuphepha i-Institute of Security Studies, ocwaningweni lwayo mayelana nokudla okunobuthi lwanyakenye kuvele ukuthi kubantu abangu-100 000, bangu-43 ababulawa ukudla okunobuthi kuleli ngonyaka.
Umbiko kaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi uveza ukuthi izingane eziyisithupha ezife ngemuva kokudla ama-chips eNaledi, zibulawe i-organophosphate okuyikhemikhali etholakala kwizibulali magciwane. Eminye imibiko iveza ukuthi nyakenye kuvele ukuthi ezinye izingane zibulawe umuthi oyimpushana obulala amagundane i-halephirimi eyaziwa ngojuqu, owavalwa kuleli, kodwa osetshenziswa kwamanye amazwe angomakhelwane, okusolwa ukuthi ungena ngokungemthetho kuleli.
UMotsoaledi, uthe basahlola ukuthi i-organophosphate ingene kanjani kuma-snacks adliwe izingane wathi sebekhulumile ngoNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana kuleli , uMnuz Velenkosini Hlabisa ngokuthi kusungulwe imithetho ngokushesha.
UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uNkk Nomantu Nkomo Ralehoko nethimba ebelihlola ezinye izitolo zabokufika eGauteng, bathole ukuthi kulezi zitolo akuhlanzekile. Izimpahla emashalofini ziyahlanganiswa. Izinto zokuhlanza zihlangana nokudla, okunye ukudla kubekwa phansi, kuyo leyondlu okudayiselwa kuyo umnikazi wesitolo ulala khona.
UMnyango weMfundo eyisiSekelo, okwamanje uthe abukho ubufakazi obukhomba ukuthi ukudla okudliwe ezikoleni yikho okugulise abafundi, njengoba ezinye izingane bekuthiwa zidle esikoleni. Kunalokho kuvela ukuthi zibuye zathenga ama-snacks adayisa kubadayisi bangaphandle kwesikole. Kwezinye izikole kusathathwe amasampula okudla.
Inhlangano yezigungu ezilawula izikole imemezele ukuthi abazali abenze isiqiniseko sokuthi izingane azithengi ezitolo ezingamathilomu.
UDkt Karen Muller weChild Witness Institute, uthe uyezwa ukuthi abantu abaningi bakhala ngohulumeni nomthetho kodwa ngokwakhe umthetho ngeke uyinqande le nkinga.
“Inkinga esibhekene nayo ngeyabazali abangazi ukuthi izingane kumele bazikhulise kanjani. Uma umzali enika ingane imali usuke ethi ayithengeni. Njengoba sekunalezi zigameko kunabazali abathi nabo bakhule bephiwa imali ababoni ukuthi sekumele bafundise izingane ngenye indlela. Ezinye azinikwa imali kodwa azikwazi ukunqaba uma ziphiwa ezinye ukudla. Kungalunga uma sifundisa izingane ukuthi awuyidli into ongaphumanga nayo ekhaya,” kusho yena