IYAVEVA iSadtu ngenkulumo kamengameli we-EFF yokuthi kumele angaqashwa amalungu ayo (Sadtu) kwikhomishini yezokhetho kuleli uma kuvotwa noma kubhaliselwa ukuvota.
UMengameli we-EFF, uMnuz Julius Malema, ekhuluma namalungu aleli qembu, uthe kumele kuqikelelwe ukuthi iSadtu ayibi ingxenye yabasebenzi be-IEC.
Uthe le nyunyana iyingxenye yeCosatu, eyaphumela obala ukuthi izokweseka i-ANC.
“Maqabane, qikelelani ukuthi abasebenzi be-IEC abayona iSadtu. Akukwazi ukuthi abantu abaseka i-ANC, bangabasebenzi be-IEC. Akwesekwe zonke izinhlelo ze-IEC,” kusho uMalema ngempelasonto.
Izolo, enkundleni yokuxhumana u-X, uMalema uthe ngeke bahoxise abakushilo, wathi abayifuni iSadtu ukuthi iqashwe yi-IEC.
UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, ugxeke lesi sitatimende wathi kuyacaca leli qembu alazi lutho ngentando yeningi.
Uthe iCosatu neSadtu akuwona amaqembu ezepolitiki kodwa bamele abasebenzi ngakho awukho umthetho ovimba ukuthi kuqashwe abasebenzi.
“Umthetho ukuvimba uma kungukuthi unesikhundla esiphezulu eqenjini lezepolitiki. Kuyaxaka ukuthi iqembu elithi lilwela abasebenzi kodwa liyabajikela ngokuthi licindezele amalungelo abo. Sifuna lihoxise lezi zinsolo ngoba sinelungelo lokuthi sivikele amalungu ethu,” kusho uMaluleke.
Isikhulu esiphezulu sekhomishini, uMnuz Sy Mamabolo, siphinde wakucacisa ukuthi awukho umgomo obekiwe ukuthi baqasha amalungu eSadtu.
Uthe kodwa ezikhungweni eziningi badinga abantu abanamava okuphatha abazozingamela njengoba beqashe intsha eningi engasebenzi ukuthi isebenze ngesikhathi sokubhalisela ukuvota.
Ubalule ukuthi amaqembu ayingxenye yekomiti elingachitha igama lothile amsolwa ngokuba nesikhundla eqenjini elithile uma esebenzela ikhomishini.
Unxuse nabamanqika ukuthi bazovota ukuthi babhalise ukuze babe sohlwini lokuvota uma sebeshintsha umqondo ngomuso.
“Noma ungakazi ukuthi uzovota noma ngeke uvote, kubalulekile ukuthi ubhalise ukuze ube somqulwini wabazovota. Uzonquma uma sekusondele ukuthi uvote noma ungavoti.”
Ukusho lokhu esithangamini sabezindaba izolo, eGoli, ekhuluma ngamalungiselelo angempelasonto njengoba bevule iwindi lokuthi abantu babhalise.
Uthe baqashe abasebenzi abangu-69 718, abazobe besebenza ngempelasonto.
Uveze ukuthi iningi lababhalisele ukuvota ngabesifazane.
“Sihlose ukubhalisa okungenani isigidi sabantu ngale mpelasonto. Bangu-62 million abantu kuleli, u-26.2 million kuphela obhalisele ukuvota. U-39.7 million ongabhalisile.”
Uveze nokuthi banezikhungo ezingu-959 zesikhashana zokuvota, wathi ezingu-33 zingomahamba nendlwana.
Zizovulwa zonke izikhungo ezingu-23 296 zokuvota kuleli.
Abafuna ulwazi bangashayela ku: 0800 118 000, noma bathumele kwiWhatsApp othi:0600 88 0000.