Silokhu sanda isibalo sababulawa imvula enamandla elokhu idala umonakalo ezakhiweni nakwingqalasizinda ezingxenyeni eziningi zeKwaZulu-Natal.
Ngokusho koMnyango wezokuBusa ngokuBambisa neziNdaba zoMdabu, bayisihlanu abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile kulandela imvula ngoMgqibelo ebusuku, kanti babili okubikwa ukuthi basadukile.
Okhulumela umnyango, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe bonke laba bangaphansi koMasipala weTheku.
Uthe ababili abaseFolweni bashone emva kokudilikelwa wudonga, owesithathu kube owakwaK eMlaza, naye odilikelwe yindlu abehlala kuyo, kanti ababili kube abasoThongathi abadilikelwe umjondolo ebebehlala kuwo, khona oThongathi kuthiwa kuduke ababili emva kokuthi umjondolo wabo umuke namanzi.
UMngadi uthe amathimba ezinhlekelele okukhona kuwo iSearch and Rescue, SAPS K9 Unit, IPSS Medical Rescue neReaction Unit SA aphansi phezulu nokucinga abadukile.
Uveze ukuthi kuMasipala waseThekwini ingu-250 imizi ekhahlamezekile okuhlala kuyo abangaphezu kuka-1000.
“KwaDukuzaa ingu-70 imizi ethintekile, okuhlala kuyo abantu ababalelwa ku-300. ENdwedwe nakhona kukhahlamezeke amakhaya angu-70,” kusho uMngadi.
Uveze ukuthi eThekwini avalwe wonke amabhishi aseningizimu, ngaphandle kwelaseMgababa.
Khonamanjalo: Isolezwe lithole ukuthi kukhona ababili abashone ngoMgqibelo eZwelisha, eVerulam, bembozwa udonga obelubiyele umuzi wakwamakhelwane.
Kulesi sigameko kushone uNksz Ncamisile Zungu (52) noSelu Zungu (3).
Indodana kaNksz Zungu, uMnuz Bonga Zungu, uthe aluqali ukudilika udonga olubulale unina nendodana kamfowabo.
“Ngezikhukhula zika-2022, lwadilika uhhafu, sasho kumakhelwane wethu ukuthi luyingozi luzobulala abantu ngelinye ilanga,” kusho uZungu.
Uthi akubanga khona mnyakazo ngasohlangothini lukamakhelwane ukukhombisa ukuthi uyakuzwa abakushoyo.
“Njengoba selugcine lubabulele ngempela ke umama nendodana kamfowethu. Nokho akukho ke esingakusho ngoba umonakalo usuvele wenzekile,” kusho uZungu.
Uthe ubengekho ekhaya yena ngesikhathi kwenzeka isigameko, uthole ucingo olumbizela ekhaya ekuseni izolo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Nkosiyezwe Mhlongo elithe libizelwe endaweni yesigameko emva kokuthi lo wesifazane nomzukulu bebengabonakali ekubeni kukhona udonga oluwele endlini yabo kathayela.
“Kususwe ama-blocks aloludonga, kwaqale kwabonakala isandla sengane, kuthe uma kuqhutshekwa nokususwa kwama-blocks, batholakala bobabili, sebeshonile,” kusho uMhlongo.
Uthe yize besaqoqa ulwazi ngomonakalo kodwa kukhona inqwaba yezindlu ezidilikile, kwalimala ingqalasizinda kagesi namanzi, kwabuye kwakhahlamezeka nemigwaqo.
Kusenjalo, zitholakale eceleni komgwaqo uN11 eMnambithi izidumbu zamalungu amathathu omndeni wakwaHlongwane eBergville, owaduka ngoNcibijane.
Abafi, uMnuz Mandlendoda David Hlongwane (43) owakwakhe uNksz Andiswa Zikode nengane yabo uMalusi, kuthiwa bagcinwa bebuyela eVryheid, lapho okusebenza khona uHlongwane.
Ngokuqhubeka kwezinsuku, umndeni wathola ukuthi abazange bafike eVryheid njengoba bathola ucingo kwabasebenza noHlongwane bembuza ukuthi ukuphi ngoba akafikanga emsebenzini.
Umfowabo kaHlongwane, uMnuz Celani Mahlobo, eqinisekisa izindaba zokushona kwabo uthe babizelwe lapho kutholwe khona imoto.
“Sithe uma sifika, impela sayibona imoto ukuthi eyakhe ubafo. Sibe sesidluliselwa emakhazeni kahulumeni lapho obese kuyiswe khona izidumbu zabo, nebala safike sakuqinisekisa ukuthi yibo, izidumbu zabo sezithanda ukonakala ngenxa yokuhlala emanzini isikhathi eside,” kusho uMahlobo.
Uthe batshelwe ukuthi izidumbu zikhishwe khona emotweni. Wathi kuthiwa imoto ibonwe abasebenza eduze nalapho itholakale khona, kulandela ukuncipha kwamanzi kule ndawo enomfula.
UMahlobo uthe basola khona ukuthi bavinjezelwa yimvula besemgwaqweni, imoto yabo yamuka namanzi.
Uthe nakuba kubuhlungu okubehlele kodwa sebebonga khona ukuthi batholakale.
“Sizokwazi ukufihla ithambo labo ngendlela enesizotha,” usho kanje.
Imindeni yomibili ithe izoludinga usizo lokubafihla abafi kwazise kubukeka kuwumsebenzi omkhulu ukungcwaba abathu abaningi kanye kanye.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, ukuqinisekisile ukutholakala kwabathathu eMnambithi. UNgqongqoshe womnyango, uNkk Bongi Sithole-Moloi, udlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe nabalahlekelwe ngenxa yesimo sezulu.
Uthe amathimba abo amatasa nokuhlola umonakalo futhi bahlangana neminye iminyango ukuze bakwazi ukubhekana nalesi simo. Uthe bazoqhubeka nokusiqapha isimo njengoba kusalindeleke imvula.