UCWANINGO lwakamuva lweStatistics South Africa (StatsSA), luveza ukuthi kulahleke imisebenzi ewu-97 000 ezweni, kusukela ngoMashi wonyaka odlule kuze kube wuMashi walo nyaka.
Kubikwa ukuthi kwikota yokuqala nonyaka, iwu-21 000 imisebenzi elahlekile. Imisebenzi eminingi ilahleke emkhakhweni wezohwebo lapho kuphele ewu-36 000, kulandele owe-business services olahlekelwe ewu-32 000, bese kuba owezokuthutha olahlekelwe ewu-2 000.
Kepha umkhakha osiza imiphakathi ukwazile ukudala amathuba omsebenzi awu-41 000 kanti owezimayini udale awu-5 000 kwathi owezokukhiqiza emafektri wadala ewu-4 000. Emkhakheni kagesi kudaleke amathuba omsebenzi awu-1 000.
Kubikwa ukuthi imikhakha emihlanu, kweyisishiyagalombili ayikakuyeli esimeni eyayikusona ngaphambi kokuqubuka kweCovid-19. Phakathi kwemikhakha engakabuyeli esimeni kubalwa owe-business services, owezokuthutha, owokwakha, owezohwebo nokagesi.
Yethula izibalo izolo iStatsSA, ithe kubuye kwaphela amathuba omsebenzi awu-63 000 phakathi kukaDisemba 2022 kuya ku-Mashi 2023. Lena bekuyimisebenzi yabantu abebekade beqashwe ngokugcwele.
Kuye kwanyuka amathuba amatoho ngo-42 000 njalo ngekota okusho ukuthi asuke ku-1 110 000 ngoDisemba wonyaka odlule, aya ku-1 152 000 ngoMashi nonyaka.
Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uthe kubi ukuthi amathuba omsebenzi ayancipha futhi usalindele ukuthi anciphe ngoba izinkampani ezinkulu aziwadali amathuba omsebenzi.
UMnuz Trevor Shaku okhulumela iSaftu, uthe uma izinkampani ezinkulu zikhula kaziyidali imisebenzi emisha ngoba abanikazi bazo basuke begxile ekwenzeni inzuzo hhayi ekwenzeni ukuthi impilo yabantu ibe ngcono.
Ukhale ngokuthi abasebenzi bahola kancane kodwa izindleko zokuphila zilokhu zinyukile, okusho ukuthi bathwala kanzima kepha izikhulu ezihola kakhulu kazibazweli.
UShaku uphethe ngokuthi akusilo iqiniso ukuthi uma uhulumeni edala imithetho eyenza kube lula ukuthi amabhizinisi asebenze, kuzosiza ekutheni kuliwe nenkinga yokuphela kwemisebenzi. Wathi lokhu akuyishintshi impilo yabasebenzi futhi imiholo yabo ayithuthuki.