LINGASE liqhubeke nokuyidliva isonto lonke ezingxenyeni eziningi zezwe, kubalwa neKwaZulu-Natal.
Lokhu kuqinisekiswe yisangoma sezulu sakwaSouth African Weather Service, uMnuz Mkhushulwa Msimang, engxoxweni neSolezwe.
“Abantu kumele beqaphele kakhulu ngoba imvula enamandla isaqhubeka nokuna isonto lonke. Kuyanxuswa ukuthi basebenzisane namathimba abhekelele izinhlekelele ukubika okwenzakayo futhi nabashayeli baqaphele kwazise imvula yalolu hlobo ishaya kuzwele kwingqalasizinda njengemigwaqo okungaba nomphumela ongemuhle kubashayeli abakhonze ijubane,” usho kanje.
Le mvula ifika nje, alikapheli itwetwe kwabahlala ezindaweni ezakhelene nalezo ezathinteka ngesikhathi kugasela izikhukhula zango-Ephreli, ezashiywa kukhalwa KwaZuluNatal nase-Eastern Cape.
UNksz Ntombi Mchunu, ohlala nezingane zakhe ezimbili emijondolo engasemgwaqweni uForeman, ngaseSydenham, nakhona okwashona kuyo abantu ngesikhathi kugasela izikhukhula, uthe ukuna kwemvula umlibe kumshayisa ngovalo kwazise indawo abahlala kuyo ayiphephile.
“Ngifisa ngabe sekuyisonto elizayo sivale emsebenzini ngihambise izingane ekhaya ukuze ngikhululeke. Engakubona ngesikhathi kunezikhukhula namanje kusadlala emqondweni wami. Uma lina kanjena ngivele ngishaywe wuvalo, ngisaba ukuthi kusengasaphinda okwenzeka ngaleziya zinsuku,” usho kanje.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu kuzwelonke ukhiphe isexwayiso kubantu ngemvula nezindlela okumele bazisebenzise ukugwema ukulahleka kwemiphefumulo.
Esitatimendeni somnyango esithunyelelwe abezindaba yisikhungo esibhekelele izinhlekelele ezweni lonke, iNational Disaster Management Centre, siveze ukuthi siyaxhumana namathimba abhekelele izinhlekelele ezifundazweni nakomasipala ukuqapha isimo.
Abantu banxuswe ukuthi bagweme ukunqamula phezu kwamabhuloho anamathantala amanzi, abashayeli baqinisekise ukushayela nokupaka ezindaweni eziphephile.
Nakhu okunye okucelwe ukuthi umphakathi ukuqikelele:
- Ukuqinisekisa ukubeka izinto ezibalulekile njengezicucu noma amaphepha athile ezindaweni eziphephile.
- Ukugcina iselula iseduze lapho kufinyeleleka khona ngokushesha ukubika uma kunento eyingozi ephuthumayo.
- Ukugada izingane zingadlali endaweni enezikhukhula, ziphinde zifundiswe ngobungozi bazo.
- Ukugwema ukuhamba emanzini agelezayo njengoba lina, okungenzeka ahambisane nezinto ezinobungozi njengogesi.
Umnyango, esifundazweni KwaZulu-Natal, unxuse ukuthi abantu abahlala eThekwini, Mkhambathini, Ray Nkonyeni, Msunduzi, Richmond, Muziwabantu Mdoni naseMzumbe bahlale beqaphele.
Uthe isikhungo esiqaphe izinhlekelele esifundazweni simi ngomumo njengoba ikomiti eliqaphe ukusebenza kulesi sikhungo, iJoint Operations Committee, lizohlangana nawo wonke amathimba abhekelele izinhlekelele komasipala nsuku zonke ukuqapha isimo.