ITRANSNET ifuna osomabhizinisi ezosebenzisana nabo ukuqinisekisa ukuthi izitimela zayo zisebenza kahle.
Kuleli sonto iTransnet imemezele ukuthi abafisa ukubhekelela ukusebenza kwezitimela zabo bangafaka izicelo zokusebenzisana nale nkampani ukuze bakwazi ukungena kulo mkhakha.
Ithe lokhu ikwenzela ukuthi labo abathutha impahla bakwazi ukuyithutha ngaphandle kwezihibe besebenzisa izitimela.
Osomabhizinisi abazophumelela bazokwazi ukubhekelela wonke umsebenzi othinta izitimela, kusukela ekuhambeni kwazo, izinqola zokuthwala impahla nokunakekelwa kukajantshi.
Osomabhizinisi abafisa ukusebenzisana neTransnet bangafaka izicelo kusukela manje kuze kube wuJuni 30 nonyaka.
Imininingwane itholakala ngokungena kwisizindalwazi somnyango weziMali ku-https://www.etenders.gov.za/Home/opportunities?id=1 noma kwisizindalwazi (website) sakwaTransnet: https://transnetetenders.azurewebsites.net/Home/TenderDetails?Id=19592
Khona manjalo, olunye uphiko lwale nkampani, iTransnet Port Terminals iveze ukuthi inyuse isibalo sempahla oyithumela kwamanye amazwe.
Ithe ithole amathani awu-1 178 389 ommbila, ukolweni, isoya nezinhlayiya zokhuni njengoba ivala unyaka wezimali.
Lokhu kusho ukuthi idlule ngo-35% esilinganisweni ebizibekele sona.
Ngonyaka kufika imikhumbi engaphezulu kuka-35 izolanda ummbila, ukolweni, isoya nokunye okulinywayo kuleli.
Impahla ethathwa echwebeni laseThekwini isuke ivela eFree State, Mpumalanga nakuyo yonke iKwaZulu-Natal.
Omunye umkhiqizo uhanjiswa yichweba lase-East London.
Isikhulu esiphezulu se-AgriSA, uMnuz Christo van der Rheede, sithe siyajabula kakhulu ukuthi iTransnet Port Terminals ikwazile ukwenyusa isibalo somkhiqizo wabalimi esithunyelwa kwamanye amazwe.
Uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abasebenzi basemachwebeni bayazikhandla futhi kuqinisekisa ukuthi abalimi bakuleli bakhiqiza ukudla okwanele abantu bakuleli nabakwamanye amazwe.
Lokhu uthe kukhulisa umnotho futhi kuzokwenza nabo bakwazi ukubhekana nezingqinamba ezibakhungethe.
Uveze ukuthi ukukhiqizwa kukakolweni kwehle ngo-11.4% kodwa ukudliwa kwemikhiqizo kakolweni kwenyuke ngo-37.9% ngenxa yokuthi isibalo sabantu bakuleli siyakhula.