UKUHOBA kobuholi be-ANC kuzwelonke emva kokuklwebhana kwabaholi be-ANC Women’s League nabe-ANC KwaZulu-Natal, kukhombisa ukuthi kulele kunye lapha ekomkhulu lale nhlangano, eLuthuli House.
ILuthuli House kufanele engabe ingenelele ngokushesha emsindweni osuswe udaba lokuqukulwa kwendebe yomhlaba ewinwe Amabhokobhoko.
Ubuholi be-ANC kuzwelonke bekungafanele buvumele ukuthi ize iphume esandleni inkulumo-mpikiswano esuke emva kokuthi uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, aphakamisa indebe nomdlali wamaBhokobhoko, u-Eben Etzebeth.
UDuma ophinde abe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni, uphakamise le ndebe yize kwakumenyezelwe ukuthi u-Etzebeth uzoyiphakamisa noNdunankulu uNomusa Dube-Ncube, owayekhona ngesikhathi AmaBhokobhoko eviliyela ngale ndebe, eThekwini, ngeledlule.
Lesi senzo siziqhathe saziqeda izinhlaka ze-ANC njengoba kukhona abakholelwa ukuthi uDuma ubukela phansi uNkk Dube-Ncube, bese kuba nalabo abeseka uDuma.
Ngasekuqaleni kwesonto, libhubhe nomkhululi ngesikhathi ubuholi be-ANC Women's League (ANCWL) nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal betshelana ezikabhoqo, kubangwa lolu daba.
I-ANCWL iyona egadle kuqala njengoba isole uDuma ngokubukela phansi ubuholi besifazane.
Ngomlomo wePhini likaNobhala wayo, uNksz Dina Pule, i-ANCWL, ithe isikuqaphele kaningi ukuthi uDuma ubukela phansi uNkk Dube-Ncube.
Kuvele konakala kakhulu ngesikhathi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal sebuphendula isitatimende se-ANCWL.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uvele wakhwela wadilika kuNksz Pule, wathi akanalo ilungelo lokukhuluma ngamalungelo abesifazane.
UMndebele uthe uNksz Pule akazange abenzele lutho abesifazane ngesikhathi esengungqongqoshe wezokuXhumana, wathi wayehla enyuka nendoda yakhe, eyinika imali yomnyango.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNksz Pule washiya elandelwa yifu elimnyama kulesi sikhundla njengoba umbiko wasePhalamende wathola ukuthi waqamba amanga ngesikhathi ephenyelwa izinsolo zokuthi isoka lakhe lahlomula kungafanele emnyangweni.
Lokhu kunwephana kobuholi be-ANCWL nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal kwenza kubukeka sengathi i-ANC kayinabuholi kuzwelonke.
Lesi siphithiphithi senzeka esikhathini esibi lapho khona kubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo.
Ukhetho oluzayo luzokuba nzima kwi-ANC njengoba amaqembu aphikisayo efuna ukuyikhipha emandleni.
Njengamanje kufanele engabe zonke izinhlaka ze-ANC zigxile ekukhankaseleni ukhetho, zikhohlwe izibi zegceke.
Empeleni i-ANC kufanele engabe kade yalulungisa udaba lukaDuma noNkk Dube-Ncube.
Izinsolo zokuthi uDuma ubukela phansi uNkk Dube-Ncube azizintsha, kepha kuyaqala ukuba izinhlaka ze-ANC ziqophisane ngazo esidlangalaleni.
Ngasekuqaleni konyaka, kuke kwasuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kusabalala isithombe lapho khona uDuma ayenikezela imiklomelo kubafundi bebanga leshumi ababenze kahle.
Kulesi sithombe kwakubonakala uNkk Dube-Ncube emi eceleni noNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, bebukela.
Kuhlezi kuba nezikhalazo zokuthi emikhosini yaseNdlunkulu uNkk Dube-Ncube akabonakali, uDuma uyena oyaye ahambe phambili.
Yize ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bebuhlezi bubibiyela uma kuqhamuka lezi khalazo, umsindo wakamumva ukhombisa ukuthi ikhona inkinga.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uDuma kufanele akhunjuzwe ukuthi akasiyena undunankulu.
“UDuma ufuna ukutshelwa ukuthi ungungqongqoshe. Kufanele ayazi indawo yakhe, angaphazamisi ukusebenza kukaNkk Dube-Ncube.”
UKhumalo uthe into enje ayiqali ukwenzeka KwaZulu-Natal, kodwa wathi kuyaqala ukuba yenziwe bume kanje.
Uthe ngesikhathi undunankulu kunguMnuz Willies Mchunu, kwakunezinsolo zokuthi owayengusihlalo we-ANC ngaleso sikhathi, uMnuz Sihle Zikalala, wayehlezi efuna ukuzigqamisa.
“Kwakuhlezi kukhona izinsolo zokuthi ukhehla kwakubuye kuthiwe akalale (angayi emcimbini kahulumeni). Kodwa ke ngaleso sikhathi le nto yayenziwa ngenhlonipho. Indlela eyenziwa ngayo manje inobunuku kakhulu.”
UKhumalo uthe i-ANC kufanele ihlukanise izikhundla zeqembu nezikahulumeni.
“Abe-ANC kufanele bazi ukuthi uma umuntu ekhethiwe waba usihlalo wesifunda thizeni akusho ukuthi usezokuba imeya. Uma uwusihlalo esifundazweni akusho ukuthi sekufanele ube undunankulu. Kufanele benze njengoba kwakwenzeka ngesikhathi (owayengumengameli, uMnuz Thabo) sikaMbeki. UMbeki wayezikhethela yena izimeya futhi zazibika kuye.”
Umhlaziyi wezepoliti ozinze eNyuvesi iNelson Mandela, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe lo mdonsiswano okhona kufanele ulungiswe ngokushesha.
“Lokhu kuklwebhana kwabaholi be-ANC kwenza ukuthi nomuntu obefuna ukuvotela le nhlangano okhethweni oluzayo, acabange kaningi.”
“Abanye abaholi be-ANC baba abaholi ngenhlanhla nje, abafanelwe ukuba abaholi.”