UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa DubeNcube, wethule uhlelo lokuxazulula inkinga yokushoda kwamanzi ezikoleni eziwu-17 zaseMlaza, nasezindaweni ezakhelene nakhona.
UNkk Dube-Ncube wethule lolu hlelo emcimbini obuseZwelibanzi High, kwaJ eMlaza, lapho ethembise khona ukuxazulula inkinga yamanzi edla lubi ezikoleni eziningi esifundazweni.
Ekhuluma emcimbini obukulesi sikole esinabafundi abawu-1 700, uthe kuyintokozo enkulu kuyena engundunankulu ukusebenzisana nabenkampani enkulukazi evubela utshwala, iDiageo SA nabenhlangano iTriple-P, ukulungisa inkinga yamanzi ezikoleni.
“Ngalolu hlelo sihlose ukuqinisekisa ukuthi unyaka wokufunda u-2023 awuphazamiseki ngenxa yenkinga yamanzi, edalwa nawukuvuza kwamapayipi aphakela amanzi emphakathini waseMlaza.
“Ngalolu hlelo sizokwazi ukonga amalitha awu-14 million amanzi ngonyaka, okungamalitha awu-800 000 amanzi abezolahleka ngenxa yokuvuza kwamapayipi. “Sithemba ukuthi ukuqinisekisa kwethu ukuthi izikole zasemalokishini zinamanzi ahlanzekile okuphephile ukuwaphuza, kuzosiza ukuqinisekisa ukuthi iKZN igcina umgomo wayo wokuphasa ngo-80% nangaphezulu kwabenza u-matric,” kuchaza uNkk DubeNcube.
UMnuz Gavin Pike weDiageo SA, uthe kubajabulisa kakhulu ukubamba iqhaza ukuqinisekisa ukuthi izingane ziba namanzi anele ukuze kungaphazamiseki ukuphuza.
“Nonyaka sizoqinisekisa ukuthi izikole eziwu-15 zaseSiphingo, KwaMakhutha naseMlaza ziba namanzi ukugwema ukuphazamiseka kohlelo lokufunda.“Kukhulu futhi kubaluleke kakhulu kithi lokhu, ikakhulu ngoba siyinkampani ezayiwa ngokuvubela utshwala, ngakho sijabule ngokuphonsa itshe esivivaneni ukusiza umphakathi waseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe awu-179 esiwaxhasayo,” kuchaza uPike.
Uthishanhloko waseZwelibomvu High, uMnuz Sibusiso Maseko, uthe ukufika kukandunankulu wesifundazwe esikoleni asiphethe, kumnike ithemba lesixazululo sezinkinga abheke naso esikoleni esiphase ngo-85% kubafundi abawu-205 baka-matric wanyakenye.
“Inkinga yokuswela amanzi ingenye yezinkinga ezinkulu esibhekene nazo, eyenza kube nzima ukuqhuba uhlelo lokufunda ngendlela efanele nejwayelekile. Ngakho sinethemba lokuthi kuzophuthuma konke abasithembise khona, ukuze konke kuhambe ngohlelo.
“Sibonga kakhulu nakwabeDiageo SA ngokunikela ngezicathulo kubafundi bethu, okuzokhuthaza ukuthi bazimisele ezifundweni zabo,” kusho uMaseko.