IMEYA yaseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, inethemba lokuthi isiteshi samaphoyisa esingumahambanendlwana, esivulwe eTafulwe, eNanda, sizolekelela ukulwa nobugebengu eNanda.
UKaunda, obehambisana noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, nguyena ovule lesi siteshi esise-Octavia Hotel izolo. Lesi siteshi sizolekela isiteshi esivele sikhona saseNanda ukuqinisa izindlela zokulwa nobugebengu kule ndawo. UKaunda uthe ukusungulwa kwalesi siteshi esingumahambanendlwana kuyingxenye yezinhlelo zikamasipala zokulwa nobugebengu futhi kuyizinkomba zokuthi kungazuzwani uma uhulumeni ebambisene nabamabhizinisi.
“Ubugebengu bunomthelela omubi emnothweni wedolobha yingakho kubalulekile ukuthi kwehliswe ezindaweni ezithathwa njengezinobugebengu obuxakile. Kubalulekile ukuthi kunxenxwe imiphakathi nabamabhizinisi ukuthi basebenzisane nomasipala ukulwa ngokubambisana nobugebengu. Sifisa ukuncoma umnikazi wehhotela, i-Octavia, ngokunikela ngendawo yekhe ukuze kube nalesi siteshi kule ndawo,” kusho uKaunda.
UCele uthe amaphoyisa azokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi eNanda buyaphela ubugebengu. “Ngeke sizibekezelele izigebengu nemikhuba yazo. Uhulumeni wesifundazwe nokazwelonke unezinhlelo zokwenza isiqiniseko sokuthi sonke isigebengu sibhekana namacala aso,” kusho uCele