OSOMABHIZINISI abancane basePort Shepstone, osekuphele iminyaka emibili bedonsa kanzima ngenxa yeCovid-19, banethemba lokuthi bazokwazi ukuwasimamisa ngokukhangisa imisebenzi yabo emphakathini wakule ndawo.
Osomabhizinisi bakule ndawo banikwe wuMasipala iRay Nkonyeni ithuba lokukhangisa amabhizinisi abo embukisweni oba minyaka yonke ohlelwa yiwo lo masipala, owaziwa ngeMayoral Business Fair, ozobe ungoLwesithathu.
Lo mbukiso oke waphazamiseka eminyakeni emibili eyedlule ngenxa yokuhlasela kweCovid-19, uzoqala ngesigcawu sokucobelelana ngolwazi lapho abamele amabhange bezobe beluleka khona abamabhizinisi ngosizo abangaluthola emabhange ukuze bakhulise amabhizinisi abo, ukuphathwa kwemali nokunye.
UNksz Nomcebo Nzimakwe ongumnikazi wenkampani esebenzisa umoya oshisayo nobandayo ukuze ikhiqize amanzi ewadayisela umphakathi, njengoba kunenkinga yokushoda kwamanzi ezindaweni ezakhele lo masipala, iSky Drop Atmospheric Water, uthe umbukiso wamabhizinisi walo nyaka unethemba lokuthi uzokhulisa ibhizinisi lakhe elineminyaka emibili likhona.
"Kuzobe kungokwesibili ngikhangisa ibhizinisi lami kulo mbukiso. Nyakenye, bewukhona omncane ngoba bekunemibandela yeCovid-19 ebekumele ilandelwe. Ungisizile kwawona ngoba ibhizinisi lami belingaziwa, ngathola amakhasimende nabaxhasi. Ngiyethemba kulo nyaka ngizokwazi ukufinyelela kubantu abaningi, njengoba sekuvulelekile ukuhlangana," kusho yena.
UMnuz Simon April okhulumela lo masipala, uthe lo mbukiso wenzelwa ukusiza osomabhizinisi abancane ukuze bathole amakhasimende amasha nokuthi bakwazi ukuxhumana ukuze bathole amabhizinisi kwabanye.
"Njengoba sekuphela unyaka, abantu banezinto abafuna ukuzithenga. Lo mbukiso uvula ithuba kubathengi ukuze bakwazi ukukhetha kahle izinkampani abazothenga kuzo nokubona umsebenzi wazo bukhoma, hhayi ezinkundleni zezokuxhumana, okuyizona esezisetshenziswa kakhulu manje," kusho yena.
Uthe osomabhizinisi abaningi badonsa kanzima okudalwe ukuhlasela kweCovid-19 kanti banethemba lokuthi ukuhambela lo mbukiso kuzobasiza baphinde babuyele esimeni abebeyiso.