IMEYA yaseThekwini, uMnuz Cyril Xaba, uchaze isinqumo sokucisha izikweletu zentela yemizi yasebashona njengesenzo esizonikeza usizo emakhaya ahlwempu.
UXaba usho kanje emhlanganweni womkhandlu kamasipala weTheku obubanjelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini ngoLwesine.
Isinqumo sokumemezela ushwele wokwesula izikweletu zentela yemizi yabantu asebashona nalabo abaxakeke kakhulu abangakwazi ukuzikhokhela, kuhambisana nemithetho esophikweni olulawula ezezimali, i-Municipal Financial Management Act kanye ne-eThekwini Municipality Credit Control ne-Debt Collection Policy.
Ngokwesitatimende esikhishwe uMasipala weTheku, izikweletu zentela yemizi yabantu asebashona zingaphezu kuka-R900 million.
Umkhandlu uphinde wanquma ukuthi ukucisha lezi zikweletu kuzokwenzeka ngaphansi kwemibandela ethize.
"Umufi kanye nefa alishiyile kumele kube yindawo yokuhlala, hhayi ibhizinisi; isikweletu esithintekayo sibe sidala kunezinyanga ezingu-24, ozozuza indawo osaphila onetayitela elisemthethweni lokumela ifa, kumele aphumele obala ukugwema ukuvela kabusha kwesikweletu. Ezimweni lapho isihlobo kungumuntu osemncane noma ohlwempu, umkhandlu ugunyaze ukuthi inqubomgomo yabahlwempu izosetshenzizwa," sisho kanje isitatimende.
IMeya ikhuthaze abanamatayitela ukuthi basondele ukuze bezokwazi ukungena ngaphansi kwalezi zinhlelo.
"Lesi sinyathelo sizovumela abahlezi endaweni enetayitela elisemthethweni ukuthi beze ngaphambili futhi benze amalungiselelo adingekayo. Ngenxa yalesi sinqumo, umasipala unombono wokuthi lokhu kuzosiza imindeni eminingi edonsa kanzima ngoba abanye baze baxhume nezinsiza zethu ngokungemthetho, okwenza ukuthi silahlekelwe kakhulu njengedolobha," kusho iMeya uXaba.
Khonamanjalo iMeya iphinde yanxusa izihlobo zalaba abazohlomula ukuthi balisebenzise leli thuba ngokuthi baye kumasipala bayobuzisisa ngalolu hlelo ukuze bangene kulo ngokushesha.