Lithathe elinye igxathu udaba lweholidi lwaseDubai olwathathwa wuNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula nomndeni wakhe ngo-2016 njengoba uphiko lwezokushushisa oluzimele lwe-AfriForum lukholwa wukuthi kukhona okumele aphendule ngakho.
I-AfriForum imemezele ngoLwesithathu ekuseni ukuthi isithole idokodo emaphoyiseni ngemuva kokufaka isicelo kulandelwa umthetho iPromotion of Access to Information Act (PAIA).
Ngonyaka odlule uphiko lwezokushushiswa komphakathi iNational Prosecuting Authority (NPA) yathi ngeke ize imshushise uMbalula ngezinsolo zokushushumbisa imali.
Umbiko woMvikeli woMphakathi wango-2019 wathi iNPA kumele ibheke izinsolo zokuthi inkampani iSedgars Sports yakhokha izindleko zeholidi likaMbalula ngoDisemba ka-2016 ngesikhathi esanguNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke.
I-AfroForum ithe ngemuva kokuthola idokodo ikholwa wukuthi uMbalula kumele aphendule.
"Ngemuva kokuhlaziya ubufakazi, kucace bha ukuthi isinqumo sokungamshushisi uMbalula sasingenasisekelo. Ubufakazi bukhomba ukuthi kukhona ukuvumelana okungekho emthethweni okwakukhona phakathi kofakazi namaphoyisa; ukuhluleka ukuthatha izitatimende kofakazi ababalulekile; ukuhluleka ukuqoqa amabhuku nemininingwane ebalulekile kanjalo nokungasebenzisani kahle kwamaphoyisa nabashushisi," kusho uBarry Bateman, okhulumela i-AfriForum.
Uthe ubufakazi bukhomba ukuthi baningi abakhokhela izindleko zempilo yakhe ewubukhazikhazi.
"Kubukeka sengathi uMbalula ubefikelwa ngamaphoyisa neNPA. Lokhu sekuqinise umkhankaso wophiko ukuthi wenze isiqiniseko sokuthi uMbalula uyavela enkantolo."