IVALWE ngegiya eliphezulu inyanga yezokuvakasha eMpangeni, eSomopho, ngemuva kokuthi indawo yezivakashi iSomopho Hills ixhaswe ngezithuthuthu ezilishumi, ngoMgqibelo.
Lolu xhaso olubalelwa kuR1.2 million beluvela eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, oholwa nguMnuz Siboniso Duma.
Umnikazi wendawo, uMnuz Lungelo Mthembu, uthe uyakujabulela ukuxhaswa uhulumeni kwazise le ndawo yasungulwa nguyena futhi engezinye zezindawo ezincane eziphethwe ngabantu abamnyama.
"La eSomopho kwakuyihlathi nje kugcwele izihlahla, njengomuntu obenesifiso sokuthuthukisa indawo yangakithi ngase ngiba nengxoxo nobukhosi bakwaMthembu okuyibona obubusa kule ndawo, nebala bayibona into engangiyifisa bangivumela ukuthi ngibe nendawo ezolanda izivakashi.
“Lapha kukhona intaba eaiyiqwalayo engamakhilomitha amane, zigibela nezithuthuthu kunemizila yazo khona, bese siphinde sibenento okuthiwa yikhempu. Uma unesifiso sokuza lana wamukelekile," kusho yena.
Okhulumela umnyango, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe lena kusengeminye yemizamo uhulumeni ayenzayo ukuxhasa osomabhizinisi abamnyama ukuze kuthuthuke nezindawo ezisemakhaya.
"Sibone inkulu indima uLungani ayidlalayo ekufukuleni indawo yaseSomopho, sasesithi njengomnyango nathi asivele sizoxhasa into enhle kangaka ephethwe insizwa esencane. Sinikele ngama-quad bike alishumi adle imali engango R1.2 million. Sisazoqhubeka nokuxhasa abantu bakithi ukuze kwakheke amathuba emisebenzi, ngikhuluma nje eSomopho Hills sekuqashwe abantu abangu 15, lokhu siyakukhuthaza," kuchaza uSibiya.