IGCINE isocongiwe inkosi eyasinda idutshulwa ngonyaka owedlule.
Inkosi Siphamandla Khumalo waseMadlangeni, ibulawe kanye nomkayo uMaDlamini, ngempelasonto.
Inkosi kuthiwa ihlaselwe ihamba nomndeni wayo abantu abavulele ngoyaba lwezinhlamvu.
Bahlaselwe ngoMgqibelo, e-Utrecht.
UKhumalo ubengusihlalo wendlu yobuholi bomdabu esifundeni Amajuba, aphinde abe ilungu lendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal.
Ngasekupheleni konyaka odlule uKhumalo wasinda edutshulwa, esemzini wakhe.
Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ukugxekile ukusocongwa kukaKhumalo.
“Phezu kwemizamo yethu yokukhuza ukusocongwa kwabaholi bomdabu, kubukeka lesi sihlava siqhubeka. Ukusocongwa ngesihluku kwamakhosi kuletha ukwesaba nokudideka ebuholini bomdabu.
“Akulahlekelwe umndeni kuphela ngokukhothama kukaKhumalo kodwa kulahlekelwe yonke indlu yobuholi bomdabu esifundazweni. UKhumalo ubeyilungu lendlu yobuholi bomdabu ebelisebenza ngokuzikhandla.”
Undunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, unxuse amaphoyisa ukuba aphenye ngokushesha ngokusocongwa kukaKhumalo.
“Abenzi bobubi kufanele batholakale, baphinde babhekane nengalo yomthetho.”
Amaqembu aphikisayo akhale ngokungasukunyelwa kodaba lokusocongwa kwabaholi bomdabu.
Umholi we-IFP esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala, unxuse ukuba uNkk Dube-Ncube, Nkk Sithole-Moloi, noNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuba baqhamuke namaqhinga okulwa nokusocongwa kwamakhosi.
UGwala uthe nakuba uMnyango wezokuPhepha nokuXhumaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal wabelwa u-R11 million wokuba usungule uphiko oluzolwa nokusocongwa kwamakhosi, umehluko awubonakali.
“Sikhathele ukuthi njalo uma kukhotheme inkosi, uhulumeni uhambise amazwi enduduzo. Emva kokutshalwa kwenkosi bese beyakhohlwa, bayoze bephaphame uma sekusocongwe enye inkosi.”
Ilungu leDA uDkt Imran Keeka, lithe ukuqhubeka kokusocongwa kwabantu esifundazweni kukhombisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe uyehluleka ukuqhamuka nesixazululo.
“IKwaZulu-Natal isize yaziwa njengesizinda sokubulawa kwabantu. Sizwakalisa ubuhlungu ngokusocongwa kwenkosi.”
Ubukhosi bakwaKhumalo buke bagubuzelwa wumbango wobukhosi owaze waphelela ezinkantolo.
Owayeyibamba bukhosi kulesi sizwe, uMnuz Latu Robson Khumalo, wazama ukuphonsela inselelo enkantolo ukuqokwa kukaKhumalo.
ULatu wabamba ubukhosi besizwe kusukela ngo-1984 kwaze kwaba u-2007.
Ngo-2007 waziswa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukuthi uKhumalo oyinkosi yesizwe.
Ngaphambi kwakhe kwakukade kunamanye amabamba bukhosi akhothama ingakaqokwa inkosi yesizwe kulandela ukukhothama kwenkosi, uWilliam Khumalo, owakhothama ngo-1963.