ABANTU sebekhathele izethembiso enkulumeni kamengameli ayibhekise ezweni kodwa balindele umnyakazo nokuthi uhulumeni axazulule izinkinga ezibhekene nabo.
Lona ngumbono womhlaziyi ozimele wepolitiki, uNksz Sanusha Naidu, oveze ukuthi abantu sebecikekile izinkulumo ezingathi shu ekubeni beqhubeka nokubhuqwa yindlala, bengasebenzi futhi becinyelwa ugesi.
Uthe ukube kuya ngaye ngabe uMengameli Cyril Ramaphosa akayifundi inkulumo yakhe azobe ebhelelwe yona namhlanje ngo-7 ntambama eCity Hall eKapa, kodwa akhulume nezwe ageqe amagula ukuthi ubona zizoxazululeka yini izinselelo ezilikhungethe?
“Abantu bakhathele izinkulumo nezithembiso. Bafuna kube nento ephathekayo. Ziyaziwa izinkinga ezibhekene nezwe. Eqhulwini nje, indaba yokucinywa kukagesi kuleli nezinga eliphezulu lokungasebenzi. Kumele ngabe umengameli ugxila ekutheni izinkinga uzozixazulula kanjani, angenzi ezinye izithembiso ezintsha.”
UNksz Naidu uthe abantu abaningi baveze ukuthi asikho isidingo sokuthi balalele le nkulumo ngoba uzobe ephindaphinda izinto asake azisho phambilini.
USolwazi Nic Spaull weNyuvesi iStellenbosch, uthe izethembiso uRamaphosa azenza enkulumeni yakhe ngo-2019, ngezinto ezithinta ezemfundo namanje ezingakenzeki.
Uthe wathi kuzoqhakanjiswa ukufundwa kwezincwadi ezikoleni kodwa namanje akukenzeki ngoba ayikho imali yokwenza lokhu, akunahlelo olucacile lakho.
Uthe abafundi basezikoleni okungakhokhwa kuzona abakwazi namanje ukufunda uma bephothula uGrade 1.
Namanye amaqembu ezepolitiki akuvezile ukuthi akukho okusha akulindele kule nkulumo.
USomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, izolo, unxuse abantu bakuleli ukuthi bayibuke futhi bawulalele umyalezo kamengameli ngoba uzobe ekhuluma nabo.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe le nkulumo yenzeka kanye ngonyaka kanti ngayo umengameli usuke ezokhuluma nezwe ngezinto uhulumeni azozenza kulowo nyaka.
“Le nkulumo akuyona eyamaqembu ezepolitiki noma amalungu ePhalamende ngoba kusuke kukhona zonke izinhlaka zombuso. Yingakho kubalulekile ukuthi abantu bakuleli bawulalele umyalezo kamengameli.”
Uthe abakhathazekile ngalabo abathi bazophazamisa le nkulumo ngoba kunemigomo ePhalamende, wathi ulala ebusuku akhululeke ngoba uRamaphosa uzoyethula le nkulumo.
Uqhube wathi njengoba iPhalamende lasha bazoqhubeka cishe kuze kube u-2025, besebenzisa iCity Hall eKapa, ukubambela lo mcimbi.