Ukhishwe phambili umfundisi waKwaShembe, eBuhleni obesematheni “ngokushadisa” inkosazana namawele.
UMfundisi Mthandeni Ntombela kuthiwa ubizelwe emhlanganweni wokuthi azochaza kabanzi ngodaba olungundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ‘lomshado’ wamawele, uMnuz Zakhele noSakhile Mnguni abebebonakala beshada noNkk Amanda Mnguni (MaGumede).
Emhlanganweni obungoLwesithathu kuthathwe isinqumo sokuthi uNtombela angabe esaqhubeka nokwenza imisebenzi ebalulekile ebandleni okuhlanganisa nokushadisa.
UNtombela ukhishwe phambili kwathiwa isithombe ne-video kwashuthwa ngemuva komshado edokodweni lamawele engekho yena.
Kuthiwa washadisa iwele elilodwa uZakhele nomkakhe.
Yize kunjalo ithimba labefundisi ebelicubungula ngalesi sigameko libe selenza isiphakamiso sokuthi kuncishiswe imisebenzi eyenziwa uNtombela ebandleni.
Umbiko uyiswe oNyazini olungazange lukuphikise okuphakanyiswe kuwo.
UMfundisi Mbongwa Nzama, obehola ithimba labefundisi abebecubungula lolu daba, uthe uNtombela akanqindiwe amandla.
“Imisebenzi abeyenza ubeyenza ngothando kodwa beyingabelwe yena. Sike saba nomhlangano ngodaba lwabefundisi ebesibona sengathi benza imisebenzi eminingi ebandleni. UNtombela ungomunye wabefundisi esibona benza imisebenzi eminingi. Yingakho kuthathwe isinqumo sokuthi incishiswe,” usho kanje.
Mayelana nomshado, uNzama uthe bagculisekile ngendlela awusingatha ngayo.
“Yize kunjalo kodwa sibone sengathi iwele elilodwa lagajwa yinjabulo lafaka umlayezo ombaxambili ezinkundleni zokuxhumana.”
Ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM uMzimela (Zakhele) uthe kungokokuqala ukuthi kube namawele aphilayo emndenini wakubo ngakho ngeke athi ababekwenza kuyinto ewumkhuba wakubo. Uthe indandatho eyayifakwe umfowabo yayiwumhlobiso futhi useyikhiphile.
“Umfowethu ubejabule wenza i-video kodwa ukucacisile ukuthi sekushoda uThonono wesibili,” usho kanje.