IZOPHELA inyanga sekucacile ukuthi buyahlakazwa yini ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal nobaseGauteng.
Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe isinqumo ngokuhlakazwa kobuholi be-ANC kulezi zifundazwe sizothathwa emasontweni amabili.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo lapho ebememezela khona izinqumo ezithathwe emhlanganweni wekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC.
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal naseGauteng bulengelwa yizembe.
IKwaZulu-Natal neGauteng yizona zifundazwe ezinabantu abaningi abavotayo. I-ANC ayizange yenze kahle kuzona zombili izifundazwe ngokhetho lwangoMeyi.
KwaZulu-Natal i-ANC ibikade ibusa ngokuzimela ngaphambi kokhetho, kodwa manje isiyiqembu lesithathu ngobukhulu.
EGauteng nakhona i-ANC ayizange ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela.
“Ezingxoxweni eziqhubekayo, uvelile umbono wokuthi kuhlakazwe ubuholi. Izingxoxo ziyaqhubeka. Siyazi ukuthi kwenzekani kulezi zifundazwe. Siyile kuzona, sayikhuluma nobuholi bezinhlaka ze-ANC ngaphambi nangemva kokhetho. Into ezokwenzeka manje ukuthi abaholi abaphezulu kwi-ANC bazocubungula izethulo ezenziwe ngesikhathi sihambele lezi zifundazwe, bese ke kuthathwa isinqumo,” kusho uMbalula.
Uthe akusona sodwa isiphakamiso sokuhlakaza ubuholi abaxoxa ngaso.
“Kungenzeka ekugcineni sikhethe ukungabuhlakazi ubuholi. Isinqumo sokuhlakaza ubuholi ngeke nje uvele usithathe kalula. Siyazi ukuthi kunzima kanjani ukuqala phansi emva kokuhlakaza ubuholi.”
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, noNobhala uMnuz Bheki Mtolo, bebehlangene nobuholi be-ANC kuzwelonke ngoMsombuluko.
Lo mhlangano uphinde waqubula amahlebezi okuthi ubuholi besifundazwe buzohlakazwa. Kepha uMbalula uthe umhlangano wabo ubungahlangene nezingxoxo eziqhubekayo ngokuhlakazwa kobuholi besifundazwe.
UMtolo ugxeke labo abasabalalisa amahlebezi okuthi ubuholi besifundazwe buzohlakazwa. Uthe umhlangano wabo nobuholi bukazwelonke bekuwumhlangano nje owejwayelekile.
“Umhlangano wethu uhambe kahle futhi sithanda ukubonga ukwesekwa esikuthola ebuholini bukazwelonke. Sithanda ukunxusa amalungu eqembu ukuthi ehlise amaphaphu.”