KWENZEKE isimanga kuvuka ekufeni owesilisa obesehlonzwe abezimo eziphuthumayo ukuthi ushonile, emva kokudutshulwa ngoLwesine ntambama nomfowabo omdala epulazini iWaterfall, eMhlali, oThongathi.
Kuthiwa insizwa (17) yaseNsuze, ‘ivuke ekufeni’ sekuzofakwa isidumbu sayo emotweni yezidumbu ebilande yona nomfowabo omdala, uMnuz Xolani Ximba, oshone ngesikhathi behlaselwa amalungu omphakathi abebasola ngobugebengu.
Amalungu omphakathi kuthiwa adedele isibhaxu kulaba bobabili maqede avulela ngenhlamvu kubona.
Umphakathi kuthiwa ulande umfana ‘ovuke ekufeni’, nabafowabo ababili. Oyedwa wabo kuthiwa uphunyuke wabaleka engakafiki endaweni yesigameko ebebeyiswa kuyo bobathathu.
Umthombo weSolezwe ngeSonto, uthe abesilisa ababili bayiswe endaweni eyihlane ezimobeni zaseMhlali, bafike bashaywa maqede badutshulwa. Kuthiwa bambozwe ngamahlamvu beboshwe izandla nezinyawo ngemuva kokuthi amalungu omphakathi ezenelisile ukuthi bashonile.
Amaphoyisa kuthiwa aphuthume kule ndawo ngemuva kokuthola umbiko wabasebenzi bakuleli pulazi.
"Into eyenzekile yisimanga esingakholakali. Abezimo eziphuthumayo bese bekhiphe umyalelo wokuthi izidumbu zombili zingeniswe emotweni yezidumbu. Sithuke kwashwaqa nezinwele simbona evuka esusa upulasitiki omboza abantu abasuke sebeshonile. Namanje asikayikholwa into esiyibonile futhi besithukile ngoba asikaze siyibone into enje," usho kanje umthombo.
Uqhuba, uthe kube sekuphoqa ukuthi kubizwe i-ambulensi ithathe osevukile. Uthe imoto yezidumbu igcine isihamba nesidumbu sikaXolani. Kumanje kuthiwa lo ‘ovuke ekufeni’ uyelashwa esibhedlela.
Kuthiwa amaphoyisa abophe amalungu omphakathi ayisishiyagalolunye athintekayo kulesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko sokuboshwa kwabantu abayisishiyagalolunye.
“Amaphoyisa esiteshi saseMhlali, aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala esigamekweni sokuhlaselwa kwabesilisa ababili. Abasolwa abayisishiyagalolunye kulindeleke ukuthi bavele maduze enkantolo,” kusho Constable Ngcobo.