UBEFUNA ukungaphoxi umyeni wakhe omvumele ukuyohlala enyuvesi iminyaka emine, unesi ophase ngamalengiso iziqu zeNursing Science, eDurban University of Technology (DUT).
UNkk Thembeni Ngcobo (46) waseMarianhill, uthole o-A abangu-27 ezifundweni zakhe, wahlonishwa nangeDean’s Merit ophikweni lwaseMgungundlovu kulesi sikhungo.
Uthe baningi ababemhleba ngesikhathi evunyelwa umyeni wakhe ukuyohlala eMgungundlovu iminyaka emine.
Akubanga lula nokungena kulesi sikhungo, okwakukhalwa ngokuthi usemdala. Ngenxa yokubona imiphumela yakhe emihle yakwa-matric, abaphathi besikhungo bamnikeza ithuba athe nabo wenze isiqiniseko sokuthi akabaphoxi. “Bengifunda ubusuku nemini, ngicabanga ukuthi uma ngingaphasi ngiyobe ngiphoxe abaningi. Umyeni wami wangivumela ukuyofunda, ngashiya ingane ebinonyaka yagadwa indodakazi yami endala esineminyaka engu-22. Baningi ababethi angiyi ukuyofunda, kungani ngishiye indoda iminyaka emingaka.”
UNkk Ngcobo oseqeqeshwa esibhedlela eRK Khan eThekwini, uthe washiya isikole kwaGrade 9, aze wasiqedela ngohlelo lwe-Adult Based Education and Training (Abet) eseshadile ngo-2012. Wagila izimanga nakwa-matric awuqede ngo-2013 kanye nendodakazi yakhe endala njengoba athola o-A abathathu no-B oyedwa. Yize abanye bekubona kunzima ukufunda usumdala, uthe kumsizile.
“Ngibone ukuthi ukufunda usumdala kuyasiza ngoba usuke usuwazi kahle ukuthi ufunani. Bengingenaso ngisho isikhathi sokungcebeleka. Isikhathi ebengihlukana ngaso nezincwadi bengisuke ngisekhaya ngezimpelasonto, ngiqinisekise ukuthi ngenza yonke imisebenzi. Kwesinye isikhathi bengibuya kanye ngenyanga ngenxa yomsebenzi wesikole omningi.”
UNkk Ngcobo onamadodakazi amane, uthe bonke emndenini sebethole ugqozi lokufunda njengaye emuva kokuba egile izimanga. Ngesikhathi ethola * -matric ngo-2013, waba ngomunye wabahlonishwe nguDkt Zweli Mkhize owayenguNdunankulu KwaZulu-Natal. Wahlonishwa ngokuphasa ngamalengiso iMathematics Literacy, Travel and Tourism neLife Orientation.
Mayelana nokufundela ubunesi, uthe ubevele ethanda ukunakekela abagulayo nabalimele esakhula. Ngesikhathi abanye ontanga besaba igazi, bekungeyona inkinga kuyena ukubhandisha abalimele.
Uthe akaqedile ukufunda kodwa usefuna ukwenza iMaster’s in Nursing Science nePost Graduate in Nursing Education and Management. Ubonga indlela asekwe ngayo abaphathi baseDUT, afisa ukufundisa khona ngelinye ilanga.