ISILO uMisuzulu kaZwelithini sithembise ukuwuhlanganisa umndeni wasendlunkulu.
IMbube ithe ibivele ikulindele ukuthi kuzokuba nezinselelo emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithi kaBhekuzulu nokuguqa kwebambabukhosi, iNdlovukazi Shiyiwe Mantfombi Dlamini.
Ekhuluma nesiteshi sikamabonakude esikhokhelwayo, i-eNCA, oNgangezwe uthe uzoyihlanganisa imihlambi eyalanayo.
Umndeni wasendlunkulu uhlukene phakathi ngokumele angene esihlalweni sobukhosi. Kukhona abakholelwa ekutheni lesi shlalo sifanele izinyane likaMdlokombane, uMntwana uSimakade.
Selokhu kwakhothama uBhejane, lo mndeni ubhekene ngeziqu zamehlo, kukhona amalungu alo mndeni ajikijelana ngamazwi esihlangaleni.
ISilo ebesiqala ukukhuluma nabezindaba selokhu saphakanyiswa, sivumile ukuthi njengamanje lo mndeni ubhekene nezinkinga, kepha konke kuzodlula.
ISilo sithe kuyinto ejwayelekile ukuthi uma kuhambe inhloko yomuzi, kube khona ukudideka.
“Yonke imindeni inazo lezi zinkinga. Ngiyakholwa wukuthi njengomndeni sizokwazi ukubumbana. Akekho emndenini wami engingathi kangimphiwe, ngiyawuthanda kakhulu umndeni wami.
“Ngizowuhlanganisa lo mndeni, ukuze sizokhombisa isizwe sonke samaZulu ukuthi ubumbano kufanele luqale ekhaya. Vele ngisezinhlelweni zokubumba isizwe samaZulu, okuwumsebenzi engizowenza ngokubambisana nezinduna.”
ISilo sithe sesikulungele ukuhlanganisa umndeni.
“Ngikulungele ukuhlanganisa umndeni futhi ngiyazethemba ukuthi ngizokwazi ukukwenza lokho.”
ISilo sithe sikulungele ukusebenza nawo wonke umuntu, kubalwa nalabo abaphikisana nokuqokwa kwaso, uMtwana uThembi Ndlovu nabaNtwana uMbonisi noSimakade Zulu.
“Mhlawumbe ngelinye ilanga uSimakade uyobuya ekhaya, sisebenze ndawonye. Ngiyamthanda kakhulu umfowethu nodadewabo kababa wami, nobaba wami uMntwana uMbonisi. Ngibathanda ngenhliziyo yami yonke. Ngokuthemba uNkulunkulu, ngithemba ukuthi bazobuya beze ekhaya.’’
Yize iSilo singathandanga ukungena sigxile ecaleni elifakwe enkantolo eliphonsela inselelo ukuqokwa kwaso, sikuvezile ukuthi sona siyazethemba kukho konke esikwenzayo.
Icala eliphonsela inselelo incwadi yefa eyashiwa nguMdlokombane lafakwa ngabaNtwana, uNtandoyenkosi noNtombizosuthu, baKwaKhethomthandayo.
Basola ukuthi ukusayina kukaMdlokombane kukokoteliwe encwadini yefa eyaqoka iNdlovukazi njengebambabukhosi.
Izolo iSilo sithe nakuba kwasikhuba emoyeni ukukhothama kwabazali baso ngokushesha okukhulu, kodwa sesikulungele ukusebenzela isizwe.
“Ngifuna ukwenza isethembiso esizweni ukuthi sengiwulungele lo msebenzi. Ngizosithatha ngisibeke kwelinye izinga isizwe. Ngicela ukuba isizwe singethembe.
“Ngesikhathi ngiqokwa ukuba yiSilo, kwangicacela ukuthi sekufanele ngishintshe ukwenza. Kwangiphoqa ukuba ngikhule ngalo lelo langa.”
ISilo sithe zizowushaya maduze kuso uma indlunkulu isiqedile ukuzila.
ISilo sisasanda kuzishaya zaphelela, silobola isinqandamathe saso seminyaka, uNksz Ntokozo Mayisela, abanezingane ezimbili naso.
ISilo sithe alikakavalwa ithuba kwabanye abafisa ukugcagcela endlunkulu njengoba sona siqhamuka esithenjini.
“Kodwa okwamanje ngisajabule ngalo enginaye.”