ISILO uMisuzulu kaZwelithini singase sigcagcelwe wundlunkulu waso wesibili odabuka eSwatini okuthiwa uyisikhulu sasebhange lakhona.
ISilo kuthiwa kade siseSwatini ngeSonto lapho okuqale khona izinhlelo zokuganwa kwaso wuNksz Nozizwe Mulela. Kuthiwa uNksz Mulela uyayikazela yiziqu zemfundo njengoba efunde e-University of Stellenbosch wathola izinqu ze-MBA kanti ngaphambi kwalokho wafunda ezomthetho eRhodes University.
ISilo sihamba ezinyathelweni zikayise osakhothama naye othathe eSwatini kabili njengoba unina weSilo uMisuzulu edabuka khona futhi uzalwa wuSobhuza wesibili owayeyinkosi.
ISilo sithatha eSwatini nje usevele ukhona uNdlunkulu uNtokozo uKaMayisela. Kuthiwa indaba yokuthatha eSwatini ixoxwe yiSilo noninalume inkosi Makhosetive Dlamini odume ngelikaMswati wesithathu naye oshaya ngehele lamakhosikazi. Kwenzeka lokhu nje kusanda kuvela izindaba zokuthi iNdlunkulu kaZulu yenza amalungiselelo okugcoba iSilo esigodlweni KwaKhangelamankengane ngenyanga ezayo yize usaqhubeka umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.