ISILO samaBandla sigxeke iNkantolo yoMthethosisekelo ngokugunyaza insangu kuleli sathi lokhu kufana nehlazo ngoba iwumbulalazwe.
UNgangezwelakhe unxuse uMengameli Cyril Ramaphosa nenkantolo ukuthi bangazitheli ngehlazo ngalesi sinqumo kwamanye amazwe.
“Ngithukile kugunyazwa ukuthi kubhenywe insangu. Kuyihlazo ukuthi kuvunyelwane ngalo doti. Insangu kuleli likaMthaniya izibulele izingane,” kusho iSilo.
Sikusho lokhu izolo sethula inkulumo eMkhosini weLembe enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.
Sithe bekungamele ugunyazwe lo mthetho ngoba insangu izoziqeda izingane.
Sikhale nangokuthi njengoba nasezikoleni abafundi begcweleza othisha, kuzokwanda ngenxa yensangu.
ISilo sikhale ngabacathamela umhlaba waso sathi kumele uMengameli Cyril Ramaphosa azibophezele ngokusayina ukuthi ngeke awuthinte umhlaba weNgonyama.
IMbube ithe uhulumeni ufuna ukudla umhlaba ukuze akhokhise abantu intela.
“Ngeke ngikuvume mina lokho.”
Ithe noma ngubani ofuna amavoti kumele azibophezele ekutheni ngeke awuthinte umhlaba wayo.
“Ofuna ukukhethwa akaguqe azositshela ukuthi ngeke umhlaba awuthathe. Saba nomhlangano nomengameli ngemuva kweMbizo eyayisoNdini ngomhlaba. Kodwa wafika ngemuva kwesikhathi. Savumelana ngokuthi kumele akhe usuku ukuze abuye kodwa namanje akahleli,” kusho iSilo.
Sigxeke nohlelo lokudliwa komhlaba, oluhlongozwa nguhulumeni sathi abantu akumele balambe.
Sithe amanye amazwe afuna amaBhunu ukuthi ayolima ngoba awaphumuli.
“I-Afriforum izosilekelela odabeni lwezolimo. Izethulile ngoba akukho ukudla kuleli. Sukumani niyolima.”
Sigxeke namathaveni sathi adayiswa nezidakamizwa.
“Ngifuna ukuhlangana nabebhodi lotshwala ngendaba yamathaveni. Basibangela umsindo kuze kuse. Izingane azikwazi ukufunda, kufa nabantu kuwona.”
AMABUTHO abethamele uMkhosi weLembe eThekwini. Isithombe: Gcina Ndwalane / African News Agency (ANA)
Sithe asihambisani namathaveni nensangu ngoba asiphuzi asibhemi.
“Angiyibhemi insangu futhi angibuphuzi utshwala.”
Sikhale ngezindlu zomxhaso ezakhiwayo sathi azibafanele abantu.
“Asibafuni omagidasibhekane. Akuzona izindlu abelungu abebezakha lezi. Emakhaya asibafuni ovezunyawo.”
Sigxeke abacekela phansi impahla kule nkundla ngesikhathi kunomdlalo webhola sathi akumele bagcweleze lapha ngoba bayothola induku.
Sithe umthetho uvuna izigebengu ezifika emajele zihlale kahle zidle ziphinde zinakekelwe uma zigula.
Sigxeke nababulala abanebala elimhlophe ngoba kunezinyanga ezifuna ukubacebisa. Sithe inyanga eyenza lokhu yinyangambumbulu.