ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini, sinxuse amadoda ukuba asoke ngenhloso yokulwa nokubhebhetheka kwegciwane nengculazi.
Sikhuluma emcimbini wokwamukela amadoda abephuma ukuyosoka ezikhungweni eziyisithupha eKokstad ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala izolo, iSilo sithe savuselela isiko lokusoka
KwaZulu-Natal ngoba sikhathazekile ngezinga eliphezulu lokufa kwabantu ngenxa yegciwane lengculazi.
Imbube ithe angaphezu kuka-700 000, amadoda asesokiwe kusukela sivuselele leli siko ngo-2009.
Ilembe eleqa amanye, uShaka kaSenzangakhona, lamisa isiko lokusoka ngoba likhala ngokuthi lolu hlelo lwaluphazamisa umsebenzi walo wokubumba isizwe njengoba amadoda amaningi ayengakwazi ukuphuma ayobamba impi ngesikhathi sokusoka.
Ongangezwe lakhe uphinde wanxusa uhulumeni ukuba asebenzise indlela yesintu neyaseNtshonalanga uma eqhuba leli siko.
Baningi abafana abashonele entabeni ikakhulukazi ko-Eastern Cape uma kuqhutshwa isiko lokusoka.
Ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ubonge Imbube ngobuholi bayo obunombono ngokuvuselela isiko lokusoka.
“Njengohulumeni wesifundazwe siyajabula ukubona amadoda asemancane eKokstad enza isiko lokusoka ngendlela ephephile. Kuyasijabulisa futhi ukubona lawa madoda efundiswa ngomsebenzi nangeqhaza lawo emphakathini,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni waKwaZulu-Natal kubalwa uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Weziwe Thusi, uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uNkk Bongi Sithole-Moloi noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Ravi Pillay.