ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini sinxuse ukuthi kube nobumbano kwi-ANC iphele indaba yokuhlukana okubeka engcupheni ikusasa lenhlangano.
Sikhuluma emhlanganweni waso nobuholi obuphezulu be-ANC obebuholwa nguMengameli wenhlangano omusha uMnuz Cyril Ramaphosa esigodlweni, Osuthu, KwaNongoma izolo, iSilo sithe ukungqubuzana kwi-ANC kwenza ukuthi umphakathi ulahlekelwe yithemba.
“Ngishumayela ukuthi kube nokuthula nobumbano kuKhongolose iphele le nto yokuklwebhana ngoba lokho akulisizi ngalutho iqembu,” kusho Imbube.
Ongangezwe lakhe uthe isihlobo sakhe esingomunye wabasunguli be-ANC, uDkt Pixely KaSeme sasingahambisani nendaba yokucwasana ngokobuzwe.
“Nale ndaba yokucwasana ngokobuzwe ayiyinhle ngoba sonke siyafana futhi kumele sibe munye,” kusho Imbube.
ISilo siphinde sakhala ngezinga eliphezulu lobugebengu nendlala ezweni.
“Ngiyamxwayisa uhulumeni ukuba ayisukumele indaba yendlala ngoba igcina isidala umbedukazwe,” kusho Imbube.
Iphinde yabonga uRamaphosa ngokuhlanganisa izinhlangothi ezibangayo kwi-ANC KwaZuku-Natal oluka Mnuz Sihle Zikalala noMnuz Senzo Mchunu.
I-KZN iye engqungqutheleni kazwelonke ihlukene ngenxa yokungaboni ngaso linye phakathi kukaZikalala noMchunu.
Ethula inkulumo yakhe uRamaphosa uthe kubalulekile ukuthi bayivuselele inhlangano njengoba ikhungethwe yizinkinga zokwehlukana phakathi okuyenza ilahlekelwe wukuthenjwa emphakathini.
“Umsebenzi omkhulu osihlalele ngowokuthi sakhe kabusha inhlangano sibuyise isithunzi sayo, lokho ngeke sikwazi ukukuzuza uma singabumbene,” kusho uRamaphosa.
Uthe uKhongolose yikhaya lawo wonke umuntu, wengeza ngokuthi iyona kuphela inhlangano ekhona lapha eNingizimu Afrika enamandla okwakha isizwe.
URamaphosa ubonge iSilo ngomsebenzi waso wokubumba isizwe.
“Silo Samabandla siyawazi amagalelo akho okuba ngubaba wesizwe, uhlale ukhuza uma kunokulwa, ushumayele ubumbano sikubonile ungenelela kwezemfundo yashintsha imiphumela ka-matric yesifundazwe,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uphe iSilo izinkomo ezintathu zekhethelo, zohlobo le-Ankole Watusi ezitholakala kakhulu eNtshonalanga ye-Afrika.