ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini sikhwele sadilika kuhulumeni ngokuqhamuka nohlelo lokufundisa izingane ezikoleni izifundo zocansi sathi lokhu kuzobhebhethekisa amacala okudlwengula.
Sithula inkulumo kade sivula ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natal eRoyal Showgrounds, eMgungundlovu, izolo iSilo sithe singaba necala kuSimakade uma leli chilo lokufundiswa kwezingane ngocansi singalikhuzi.
“Ngifisa ukuphawula ngale nhlabamkhosi esidale ukudideka ngalolu daba lokufundisa ngezocansi ezikoleni ezweni lonke. Ngonyaka ozayo ngiqeda * -50 ngihleli esihlalweni seLembe, khona lapho ngiqeda iminyaka engu-75 ngabona ilanga.
“Kule minyaka ngihlangane cishe nayo yonke inhlobo kahulumeni, ngiyawazi uhulumeni wengcindezelo, bengikhona kuphethe uhulumeni wezabelo, ngaphinde ngazongeniswa uNkulunkulu kuhulumeni wentando yabantu, kule ntando yabantu kuqhamuka izinto eziningi, lapho engiya khona kusekutheni ngaphandle kokuba ngumzali ngiphinde ngibe ngumlondolozi wamasiko, ngimangele uma kukhona umbono wokuthi kumele kufundiswe ngocansi ezikoleni.”
Sithe sifisa ukwazi ukuthi bona abazali sebelungisiwe yini imiqondo ukuba basekele izingane zabo uma sezenza lezi zifundo.
“Kuzokwenzekani uma ingane isibuza umzali wayo ngezinto zocansi ezifunda esikoleni,” kusho iSilo.
Sithe lolu hlelo luzokwenza ukuthi lenyuke izinga lokudlwengula ezweni.
“Ngoba ngiyazi ukuthi izingane ziyinkinga, bazozifundisa lezi zinto izingane bese zithi asizenze lezi zinto kini, zizobamba othisha besilisa, zibambe othisha besifazane. Uma wena unomkakho olaphaya uyothanda yini uma kuthiwa umkakho usebh*** izingane,” kusho iSilo.
Kube nokhuluma ezinkundleni zokuxhumana abanye bafaka ama-video eSilo sigagula leli gama elithi bh***.
Ongoti bolimi lwesiZulu abakhulume neSolezwe bathe ayikho inkinga ngokusebenzisa leli gama lokubh*** elishiwo yiSilo.
USolwazi Jabulani Maphalala, uthe okwenza leli gama kubukeka lixwaywa, yingoba alijwayele ukusetshenziswa.
“Akusiyo inhlamba lokhu okushiwo yiSilo, yigama lesiZulu leli. Abelungu bayawabiza amagama ocansi enjengoba enjalo kodwa thina siye siwahloniphise siwabize ngokuthi ugwayi, noma inanazi. Lawo magama awekho, sisuke sibalekela ukubiza amagama angempela. Kumele sivule izinkundla zokuba kuvuleleke ukuba la magama esetshenziswe ngaphandle kokuba sithuke uma siwezwa,” kusho uMaphalala
USolwazi Sihawu Ngubane uthe lokhu iSilo ebesikhuluma ngakho, besiveza ukuthi kusiphathe kabi kakhulu, sabe sesisebenzisa igama lesiZulu langempela.
“Yigama lesiZulu leli. UHlanga Lomhlabathi lungumlondolozi waso isiZulu, sinalo lonke igunya lokusebenzisa leli gama. Besikhuluma nesizwe, akukho okonakele,” kusho uNgubane.
Imbube iphinde yaphonsela inselelo uhulumeni wesifundazwe yathi kumele akhe idamu elikhulukazi ukuze kuliwe nesomiso nokuntuleka kwamanzi.
“Ngifuna niphume lapha niyifakele izibuko indaba yaleli damu ngoba lizoba wusizo kubantu basesifundazweni,” kusho iMbube.
Iphinde yakhala ngomkhuba wokuthwalwa kamantombazane eyoganiswa, yathi kawusilo isiko.
“Ukuthwalwa kamantombazane kungamanyala, akusilo isiko lethu maZulu,” kusho imbube.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe isikhalo seSilo ngezocansi ezikoleni basizwile, wathi bazosixoxa nohulumeni kazwelonke.