SIHLABA izifundo ezizofundisa ngezithinta ucansi iSilo samabandla uGoodwill Zwelithini, esizwakalise lesi sikhalo emgubheni wempi yaseSandlwana eNquthu ngoMgqibelo.
ISilo besiphawula ngezifundo ezibizwa ngeComprehensive Sexuality Education, eziyingxenye yeLife Orientation ezizofundwa emabangeni aphansi kulo nyaka.
“Sizwa ngabezindaba ukuthi izingane zethu sezizofundiswa ngezifundo zocansi. Angikusho bakwethu, yimikhuba le. Amalumbo uqobo lwawo. Sehlelwa yini ngesikhathi sethu? Kanti uNkulunkulu usigcinele ukuthi sibuke le mikhuba,” kusho iSilo.
Sithe sekuvamisile ukuthi kufakwe ubuthi ezikoleni ezisemakhaya bese izikole ezizimele kuthiwe zizolandela uhlelo oluthile olwehlukile.
“Ngifisa ukwazi ukuthi izingane zalaba abafika nalo mthetho zifunda kuziphi izikole. Ngiyamangala ngoba laba ababeke le mithetho yibona laba okuthi uma sibuthe izintombi, bathi sihlukumeza amalungelo ezingane zethu. Izingane siyazakha sizibuyisela kuleya nto yobungcwele. Uma le nto iqhubeka izohlukumeza ilungelo lothisha nabazali bezingane. Kimina njengenkosi yenu akwehli kahle,” kusho iSilo.
ISilo sithe lezi zifundo kungenzeka zivuse ukulangazelela ezinganeni bese zifuna ukuhlola ukuthi okushiwoyo kuyikho yini, zidlwengule nothisha.
Lolu daba lususe umsindo ngonyaka odlule izinhlaka ezahlukene ziphikisana nalolu hlelo. UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo wakuchitha ukuthi lezi zifundo zihlose ukufundisa ngocansi kodwa wathi uzofundisa ukuziphatha nokuthi izingane zazi ngemizimba yazo.
Kulo mgubho iSilo siphinde sakhuthaza nobunye kwabezepolitiki. Sithe ukuhlukana ngokwamaqembu akusho ukuthi abantu abaklwebhane. Sigcizelele ukuthi umlando weSandlwana ugcinwe kahle.
UMntwana wakwaPhindangene inkosi uMangosuthu Buthelezi, uthe amaZulu anqoba eSandlwana ngoba ayebumbene.
Uthe kumele kunanyathelwe ekutheni abantu babe munye, kungashayelwa izikhonkwane zenzondo.
Ugcizelele ukuthi usemkhankasweni wokubuyisa ukuthula nobumbano.
“Ukuhlupheka nobuphofu ngeke sikunqobe uma singahlangene sisabukana njengezitha. Umsebenzi weSilo wokusihlanganisa njengabantu baso uyophelela eboyeni njengesithukuthuku senja,” kusho uMntwana.
Lo mgubho weminyaka engu-141 kusukela amaZulu anqoba amaNgisi, ubuthanyelwe nanguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, wuNgqongqoshe wezobuCiko, Amasiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka uNksz Hlengiwe Mavimbela.