ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini sigxeke ezobuNhloli zaseNingizimu Afrika sathi zilele.
Sikhuluma KwaDukuza izolo emkhosini weLembe lapho kade kukhunjulwa khona iLembe uShaka kaSenzangakhona, Isilo sithe akukwazi ukuthi izwe lingasha kangaka kukhona ezobuNhloli.
“Azisekho ezomoya, uma kuthiwa zikhona yigama nje. Alikwazi ukuthi izwe lingasha kangaka kuthiwe kukhona iziNhloli, amazwe angaka nje kuneziNhloli ezibukhali, nabantu noma kukhona abakuzwayo bayesaba ukubikela amaphoyisa ngoba abuye abathengise,” kusho Isilo.
Sinxuse ukuthi kuphele nya ukuhlaselwa kwabokufika.
“Yize singazi kabanzi ngohlelo lukaMengameli Cyril Ramaphosa lokubuyisana kodwa nginesiqiniseko sokuthi ubukhosi bungabamba iqhaza elibalulekile ekuqhamukeni nesizombululo,” kusho imbube.
Sithe njengobukhosi basethubeni elingcono kunanoma yiluphi uhlaka lokuthi kulungiswe isimo.
“Ngiyakholwa wukuthi ukungenelela kobukhosi nokubambisana nohulumeni kungaletha isixazululo saphakade. Lokhu engikushoyo kokungenelela kobukhosi kumqoka ngoba uma sekunezidumbu phansi futhi kuthiwa kungquzulana abantu, ukukhuluma kusuke sekungekhona okwabathile kepha sekungokwesizwe,” kusho Isilo.
Sitshele osopolitiki ukuthi abantu akubona ababo yize bebavotele.
Sithe embizweni eyayiseMoses Mabhida lapho sasikhuza ukuhlaselwa kwabokufika, sathi akube khona izinhlelo zokuhlanganisa abokufika nemiphakathi.
“Ukube lokhu engakusho kwalalelwa ngabe asikho lapho sikhona manje.”
Sithe kumele kungenelele amakhosi ukuze kuliwe nezinto ezikhona.
“Uma kukhona ukhula oluqalayo emakhaya luhlakulwa lusaqala. Akekho umuntu owake wazihlupha weza kithina ezobuza ukuthi senza ngani.”
Isilo siphinde sakugxeka ukudelelwa kukaNdunankulu kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene, ngesikhathi kade eyokhuza ukuhlaselwa kwabokufika eGoli.
“Ngabe ngenza iphutha uma ngingakhulumi ngento esayibona kudelelwa umuntu omdala yizingane ezingaba ngabazukulu kuye. Lokhu esakubona kusho ukuthi inhlonipho ayisekho kuZulu.”
UNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindane uthe ukuhlaselwa kwabokufika kuwubugebengu.