ISILO samabandla uZwelithini sinxuse umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane kuba ayikhulume ePhalamende eyodaba lwemizamo kahlumeni wokuthatha umhlaba waso.
UMaimane ubesesigodlweni seMbube Osuthu, KwaNongoma, izolo nobuholi beqembu esifundazweni beyokhonza koNgangezwe lakhe, lapho efike wanikela ngezinkomo ezinhlanu.
“Sifuna iqembu eliphikisayo elingasabi ukukhuluma ngezindaba nokungathi uma linikwa ithuba lokubusa liphathe abantu ngendlela elinganayo futhi enesithunzi,” kusho Isilo.
Uthe bafuna iqembu elingeke lisabe ukukhuluma ngodaba olunomlando oludinga izimpendulo ngemuva kweminyaka ewu-23 izwe lathola inkululeko.
Isilo sithe yize singafuni ukugxambukela kwezombusazwe kodwa abantu bakuleli bafanelwe ukuthola okungcono eqenjini elibusayo namaqembu aphikisayo.
Imbube ixwayise ngokuthi labo abazama ukuthatha umhlaba wayo bazobhekana nolaka lukaZulu.
Iphinde yaxwayisa ngokuthi akuthathwa komhlaba ngaphandle kwezinxephezelo akumele kuphazamise ukukhiqizwa kokudla.
Isilo sithe sizowuvikela umhlaba waso kulabo abazama ukuwuthatha.
Imbube iphawule kanje ngemuva kokuthi iKhomishini ebiholwa ilowo owake waba nguMengameli, uMnuz Kgalema Motlanthe, yenze izincomo zokuthi Ingonyama Trust kumele iqedwe.
IKhomishini kaMotlanthe ithe Ingonyama Trust ayikho emthethweni.
Ingonyama Trust inomhlaba ongaphezu kuka 2 million hectares. Yaphasiswa ngaphambi kokhetho lokuqala lwentando yabantu ngo-1994.
NgokweKhomishini kaMotlanthe, Ingonyama Trust yaphasiswa ngokuyimfihlo.
“Ngiyaphinda ngiyakusho lokhu, ngithi lokhu okwenziwayo akwenzelwa abantu bakuleli ikakhululazi amaZulu kodwa kwenzelwa ukusichukuluza,” kusho Imbube.
Inxuse ukuthi udaba lulungiswe ngokushesha. Ithe iyaphikisana nokutthi kuthathwe umhlaba.
I- FW De Klerk Foundation kalowo owake waba nguMengameli wakuleli iyaphika ukuthi Ingonyama Trust yaphasiswa ngokuyimfihlo.
USihlalo walesi sikhwama, uMnuz Dave Stewart, uthe uDe Klerk uyakuphikisa ukuthathelwa kwabantu umhlaba wabo ngaphandle kwezinxephezelo.