ISILO Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu sithi kuzoma kwasani eGoli uma sesifikile sizokhuza ukuhlaselwa kwabantu bokufika osekudlule nemiphefumulo kwaphazamisa namabhizinisi.
IMbube ikhulume kanje ngesikhathi yethula inkulumo eMkhosini woMhlanga esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma ngempelasonto. IMbube ikhuluma nje ngeledlule eGoli abantu bebezitapela ezitolo zabokufika bebaxosha.
"Amakhosi nezinduna kufanele balungele ukuthi baya eGoli ngokuphela kwenyanga esikuyona. Kade ngithola imibuzo kuthiwa ngithuleleni abantu belwa eGoli kuhlaselwa abokuhamba. Angizenzi izinto ngoba ngifuna ukubukwa mina ngenza ngendlela yami,’’ kusho iSilo.
Sikhale kakhulu ngembizo ebizwe ngaphandle kokuxhumana naso ngoba sithi izinduna zilawulwa yisona. Sinxuse uNdunankulu kaZulu ukuba alusingathe kahle udaba lungaphumi esandleni ngoba kunabantu abaluthatha ngesinxele.
"Ukhona umnikazi wamabutho nezinduna oyimina futhi akukona okwendoda ebekwe yakalelwa iminyaka emihlanu. Ngimangele uma ngizwa kuthiwa kubizwa imbizo ngaphandle kokuthi ngaziswe mina mnikazi wezinduna,’’ kusho iSilo.
ISilo sithi kuzogcina kuba sengathi yizinduna eziphehla udlame olubhekiswe kwabokufika njengoba zibizelwa imbizo.
Imbizo ebibizwe yihhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele igcine ihoxisiwe kodwa zangabekwa izizathu zokuhoxiswa kwayo.
UNomthebe wesizwe uthe akahambisani nempi ngoba kwaliwa kakhulu KwaZulu-Natal akasafuni ukuphinde abone udlame noma ngabe lukuphi kufanele lukhuzwe.
Unxuse ukuba kuvikelwe impahla nesithunzi sikaZulu ngokuba iqedwe impi ebhekiswe kubantu bokufika.
Kulo mcimbi iMbube imemezele nokuthi asesenkantolo amaphepha okulwa udaba lomhlaba okuthiwa ingase iphucwe wona. Ikhale ngohulumeni yathi uyayidelela futhi sekufike lapho kuyima khona emphinjeni.
"Ngiyabahlonipha mina bonke abantu ngokwezigaba zabo kodwa bakhona abacabanga ukuthi ngiyisiphukuphuku bese benyuka ngengalo kimi. Bafuna ukusiphuca ingubo yethu esiyembethe okuwumhlaba. Ngingakuqinisekisa ukuthi amaphepha asenkantolo njengoba sikhuluma nje,’’ kusho iMbube.