I-ANC kwisifunda Inkosi Bhambatha isemanzini kulandela ukushona kwephini likanobhala wale nhlangano esifundeni, uNksz Siphelele Ngcobo, oshone esanda kubuya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha be-ANC Women’s League (ANCWL).
UNksz Ngcobo, oshone engozini yemoto ngoMsombuluko ntambama, uchazwe njengomholi obezinikele ekuthuthukiseni abantu.
UNksz Ngcobo ubandakanyeke engozini yemoto eshayela emgwaqweni uR68, phakathi kwaseBabanango neMelmoth.
Okhulumela i-ANC kwisifunda Inkosi Bhambatha, uMnuz Sinethemba Hadebe, uthe uNksz Ngcobo ubeyovakashela izihlobo ngesikhathi eficwa yingozi.
“Angeke sayidalula yonke imininingwane emayelana nale ngozi njengoba kukhona uphenyo oluqhubekayo.”
UNksz Ngcobo wakhethelwa kwesephini likanobhala we-ANC kwisifunda Inkosi Bhambatha engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eyayingonyaka owedlule.
UHadebe uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaNksz Ngcobo.
“Njengobuholi be-ANC kwisifunda Inkosi Bhambatha sikhungathekile ngokushiywa ngokuzuma yiphini likanobhala. Lapha silahlekelwe umholi obengabeki phambili izidingo zakhe kodwa obebeka phambili izimfuno zabantu phambili.
“Silahlekelwe umholi obehlezi eshumayela izwi lokuthi amalungu e-ANC abumbane. Ubeyithanda kakhulu i-ANC futhi eyiqonda nemigomo yayo.”
UNksz Ngcobo ubambe iqhaza elikhulu kwingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANCWL ebiseGoli, njengoba ebengomunye wezithunywa ebezihambele le ngqungquthela.
UHadebe uthe amalungiselelo omngcwabo abengakaphothulwa.
“Njengamanje sisematasa sixoxa nomndeni, ukubona ukuthi sizokuya kanjani phambili. Sizokwenza isimemezelo uma amalungiselelo esephothuliwe.
“Okwamanje sinxusa abantu ukuthi banikeze umndeni nabangani ithuba lokuzilela othandiweyo wawo. Sinxusa ukuthi abantu babeke emithandazweni njengoba ubhekene nalesikhathi esinzima kangaka.”
Imizamo yokuthola ukuphawula komndeni ayizange iphumelele.
Lona umholi we-ANC wesibili ukushona engozini yemoto mumva nje.
NgeSonto, kushone obesanda kukhethelwa kwesikamgcinimafa we-ANC Youth League (ANCYL) kwisifunda iNgaka Modiri Molema, esifundazweni iNorth West, uMnuz Dikago Pule.
UPule ubandakanyeke engozini yemoto ebuya emhlanganweni akhethelwe kuwo kwisikhundla sikamgcinimafa we-ANCYL kulesi sifunda.