LISHONE uLwesihlanu kuqhuma isililo zinkalo zonke, ngokukhothama kweNkosi engumholi webandla lamaNazaretha, uVela Shembe, "Imisebeyelanga".
Imisebeyelanga ikhothame ngoLwesine ebusuku emzini wayo, eMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, kulandela ukugula isigubhukane.
Okhulumela iThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, ukuqinisekisile ukuthi iNkosi uVela Shembe ikhothame ngoLwesine ebusuku.
Uthe iNkosi ikhothame isigubhukane ingazange ibike kugula.
Nakuba kunjalo, eminye imithombo yezindaba, ithe iNkosi uVela Shembe ikhothama nje, kade sekuphele isikhathi eside ibanjwe wukugula okuhlobene nomdlavuza.
UMthethwa akakuqinisekisanga lokhu. Ngokwakhe, kuyinto ejwayelekile ukuthi abaholi baleli bandla bakhothamele emakhaya uma sekufike isikhathi.
Nakuba wake wangeniswa esibhedlela ngoDisemba nyakenye, uthe akukho okungalungile okwatholakala kuye, wathi kwakuwukuyoxilongwa impilo nje.
“Izolo ebusuku ngabo-11 (ngoLwesine) ubengaguli futhi engabambekile. Sisashaqekile ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uMthethwa.
Uthe umndeni nebandla basazohlangana bazile ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo sokuthi iNkosi izotshalwa nini.
UMnuz Thokozani Mncwabe, okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uthe bazwile ngokukhothama kweNkosi uVela Shembe.
“Siyazwelana nohlangothi lwaseThembezinhle ngokulivelele. Kumele sizwelane nabo ngoba ngisho i-IFP ne-ANC okungamaqembu epolitiki, nawo ayazwelana uma kukhona okwenzekile kuwona okufuze lokhu,” kusho uMncwabe.
Uthe ukufa okukanoma ubani. Ebuzwa ukuthi bahlela ukuthatha ziphi izinyathelo ezikhombisa ukuzwelana nohlangothi lwaseThembezinhle, uthe ngeke aphawule ngalokho ngoba akukaze kwenzeke ukuthi lezi zinhlangothi zihambelane uma kukhona oshonile kuzona.
INKOSI uVela Shembe yathathwa ihola uhlangothi lwaseThembezinhle igida namakhosazana entabeni iNhlangakazi, eNdwedwe. Inkosi ikhothame ngoLwesine phakathi kwamabili isemzini yawo eMthwalume
Mayelana nokuthi lukhona yini ushintsho olungase lube khona ngombango wokuphatha kuleli bandla, uthe kusezandleni zamajaji asenkantolo ukuphawula ngalokho.
Kwenzeka konke lokhu nje, kuzokhumbuleka ukuthi kunombango oshisa phansi phakathi kwezinhlangothi zombili, oluholwa iNkosi uVela neNkosi uMduduzi Shembe, uNyazi, waseBuhleni, bebanga ukuphatha leli bandla elinabalandeli abalinganiselwa ezigidini ezimbili.
Lo mbango osekuphele iminyaka eyisikhombisa ukhona, waqala ngemuva kokukhothama kweNkosi uVimbeni Shembe, uThingolwenkosazana, eyayingumholi webandla.
Umbango wasuka ngosuku okwakutshalwa ngalo iNkosi uVimbeni, ngesikhathi iNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo imemezela uNyazi njengomholi webandla omusha.
Emuva kwalokho ummeli weNkosi uVimbeni wamemezela igama leMisebeyelanga, ukuthi iyona okumele ihole ibandla ngokusho koThingo.
Ngenxa yokuthi amanye amaNazaretha awalimukelanga igama leMisebeyelanga, ayesehamba noNyazi olwalumenyezelwe kuqala.
Umbango uqale ngesikhathi sekumele lugcotshwe ngokusemthethweni uNyazi.
IMisebeyelanga yafaka icala enkantolo ivimbela ukugcotshwa koNyazi.
Leli cala yilo ebeseliphenduke inzukazikeyi njengoba kubangwa yize noma inkantolo yayisiyikhiphe phambili Imisebeyelannga njengomholi webandla osemthethweni.
Ngonyaka odlule iJaji Achmat Jappie eNkantolo eNkulu eThekwini, lakhipha isinqumo sokuthi iNkosi uVela Shembe, uyena mholi osemthethweni waleli bandla elaziwa ngokuthi iNazareth Baptist Church kodwa elidume ngelakwaShembe.