UKUSEBENZA kanzima kothisha nabafundi yikona okwenze isikole sabafundi abakhubazeke ngokungezwa, iKwaThintwa School for the Deaf eNtshangwe sithole u-100%, ku-matric iminyaka eyisishiyagalombili ilandelana.
Lena impumelelo enkulu ongeke uyicabange esikoleni esisendaweni yasemakhaya edume kabi ngodlame lwezombusazwe.
INtshangwe yaziwa kabi ngodlame obeluphakathi kwe-ANC ne-IFP eminyakeni ka-1980 neka-1990.
Muva nje bese kubhoke udlame phakathi kwamalungu e-ANC neSACP kodwa konke lokho akukaze kuphazamise impumelelo yesikole.
Kuzo zonke izingqinamba abafundi baKwaThintwa ababhekene nazo njengoba bekhubazekile kodwa bayakwazi ukugila izimanga ezifundweni zabo.
Omunye wabo obenza u-matric ngonyaka odlule, uThabile Qondani, kade emenywe nguNgqongqoshe wezeMfundo eyiSisekelo kuleli, uNkk Angie Motshekga ngenxa yokulala isibili ezweni lonke ngokuthola amamaki aphezulu esifundweni iSign Language.
ISign Language yiyona okufundwa ngayo esikoleni sabo kwazise abafundi bakhona banenkinga yokungezwa.
INingizimu Afrika iyizwe lokuqala emhlabeni ukuthi yethule iSign Language ukuba ngolunye lwezilimi ohlwini lwezifundo.
ABAFUNDI baKwaThintwa School for the Deaf, beme eduze komfuziselo kaDenis Hurley ongumsunguli waso
Lesi sikole sithatha abafundi abavela ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, abanenkinga yokuzwa nabezwa kancane abenza uGrade 00 kuya ku-matric.
Isikole sinezindawo zokuhlala zabafundi bakude.
Kulo nyaka bangu-364, sebebonke esikoleni esasungulwa isishoshovu esasilwa nengcindezelo yobandlululo, uMbhishobhi Dennis Hurley ngo-1981.
UHurley wasisungula ngemuva kokuthi athintwa umfana owayeneminyaka engu-11, ngesikhathi evakashele eNtshangwe, wathi uzama ukukhuluma naye wathola ukuthi akezwa. Wabe esesakha isikole wasiqamba ukuthi iKwaThintwa.
Kusukela sasungulwa isikole siyakhula, sesize saba nabafundi abaminyaka yabo iphakathi kwemithathu nengu-20.
IKwaThintwa iqale ukuba nekilasi lika-matric ngo-2009. Manje isibalwa nezinye izikole ezihlonishwayo ezweni.
Omunye wabafundi bakhona owenza kahle kwa-matric ngo-2009, uZinhle Mazibuko. Usethole iziqu zobuthishela. Manje iKwaThintwa isimqashile. Uzofundisa iSign Language khona.
Uthishanhloko wesikole, uDkt Mavis Naidoo uma ekhuluma ngempumelelo yesikole ucaphuna amazwi ombhali, uVincent van Gogh athi: “Izinto ezinkulu zenziwa yizinto eziningi ezincane ezihlanganisiwe.”
“Ngingasho ngingananazi ukuthi iminyaka embalwa edlule isifakela ingcindezi. Kade sethula iSign Language njengolunye lwezilimi zebele kwaGrade 12. Lokhu kusifakele ingcindezi enkulu siyiziphathimandla zesikole,” kusho uDkt Naidoo.
Uthe kodwa phezu kwalokho isikole sikwazile ukuqhubeka nokwenza kahle.
“Isikole sethu besinabafundi abayisishiyagalombili ababhale iSign Language kwa-matric.
Kuyintokozo enkulu kimina ukusho ukuthi bonke baphase ngamalengiso,” kusho uDkt Naidoo.
Izithombe: BONGANI MBATHA/ANA
Uthe bazimisele ngokuthi nakulo nyaka baqhubeke nerekhodi labo lika-100%, kwa-matric.
“Angiboni ukuthi kukhona into engasiphazamisa ekutheni siqhubeke nokwenza kahle ngendlela esibambisene kahle ngayo singothisha, abafundi nomkhandlu wabazali,” kusho uDkt Naidoo.
Abafundi bakhona bayakhethiswa ngokwezinga labo ukuthi bafuna ukwenza u-matric noma bafundiswe ngokwamakhono.
Isikole sihlinzeka ngezifundo eziningi zamakhono, okubawa ezokupheka, ezokulingisa, ezokuxhumana, imisebenzi yezandla nokucwala izinwele.
IKwaThintwa ayigcini ngokwenza kahle kwezemfundo kodwa nakwezemidlalo igila izimanga.
U-CAITLIN Wakefield osebenza ophikweni lwezokuxhumana, eme eduze kwezindondo zokwenza kahle kwesikole sabo kwezemfundo
Isikole sinabafundi abaningi abamela iKZN emikhakheni eyahlukene kwezemidlalo, okubalwa ibhola lezinyawo, ezokugijima, volleyball negalofu.
“Abafundi bethu abathathu abadlala igalofu manje bayaqeqeshwa ukuthi bakwazi ukuba ngabaqeqeshi begalofu,” kusho uDkt Naidoo.
Ngenxa yempumelelo yesikole, sesize sadonsa nehlo likaNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uNksz Belinda Scott osesifake ngaphansi kwakhe, okunguye osisiza ngezinto eziningi esisuke sishoda ngazo.