ISISHO esithi yakhela ngamaqubu enye siyasisebenzela isikole iDlambula Primary, esithole abafundi abaningi ababaleka ezikoleni ezingomakhelwane ezibizayo.
Lesi sikole esiseDlambula phakathi kwase-Ifracombe naseMagabheni sihlomula kakhulu ngabafundi abahluleka ukukhokha imali enkulu ezikoleni ezingomakhelwane baso.
Uthishanhloko walesi sikole uMnuz Njabulo Mathe uthe lesi sikole singene ngaphansi kohla lwezikole okungakhokhwa kuzo ngo-2008. Nonyaka abafundi bangu-896 kulesi sikole esiqala kuGrade R siphele kwaGrade 7.
Uthe ukwakhelana nezikole okwakungezabamhlophe phambilini kuyamhlomulisa, kumphonsele nenselelo yokuthi isikole sakhe naso kumele sinikeze abafundi imfundo esezingeni elifanayo.
UTHISHANHLOKO waseDlambula Primary uMnuz Njabulo Mathe ephethe ezinye zezindondo ezitholwe yisikole sakhe ngokuhlabana kwaso emincintiswaneni ethile
“Okubuye kuphazamise wukuthi imali ekhishwa ngumnyango iyakalelwa ukuthi kumele yenzeni. Lokho kwenza ukuthi ngiphume ngingena ezinkampanini ezingomakhelwane ngicela iminikelo yokwenza izinto ezingabaliwe emalini esiyithola emnyangweni. Phakathi kwezinkampani ezijwayele ukunikelela isikole sethu iSappi, iToyota nenkampani eyenza amakhemikhali iVaspar,” kusho uMathe.
AbakwaToyota uthe abagcini ngokunikela ngamakhompyutha nezinye izinsiza kulesi sikole babuye bahlele umncintiswano wezikole ezingaphansi kweSekethe yaseMlaza, weScience neMaths.
“Nyakenye siphume phambili emncintiswaneni owaziwa ngeMaths Olympiad abawuhlelayo. EMnyangweni wezeMfundo saphuma phambili emncintiswaneni wezifundo ezifanayo. Kuwona besiqhathwe nezikole ze-ward yethu,” kuchaza uMathe.
Uqhube wathi ucabanga ukuthi ukwenza kahle kwalesi sikole ezifundweni zeSayensi neMaths kulele ekutheni lesi sikole singesinye sezingaphansi kohlelo loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, olwaziwa ngeMaths, Science and Technology (MST).
Lezi zikole uthe zihlinzekwa umnyango ngezinsiza ama-laptop nohlelo lokuthi kufundwe lezi zifundo.
Uthe bangene ngo-2014 kulolu hlelo.
“Selokhu singene kulolu hlelo siyawubona umehluko, abafundi bethu bayathuthuka njalo kulezi zifundo. Sakhetha ukuzibandakanya nalolu hlelo ukuze sikhuthaze ukufundwa kwalezi zifundo ezithathwa njengezinzima.
Njengoba isikole sethu sisemphakathini wasemakhaya ontulayo sifuna ukuthi abafundi bethu bakwazi ukushintsha isimo sendawo, yingalokhu yangena ngaphansi kohla lwezindawo ezintulayo,” kusho uMathe.
IDlambula yasungulwa ngo-1979, kwakufundelwa kurawondi ongumuzi womuntu. Umphakathi wazakhela amakilasi amabili okuqala, elesithathu lakhiwa ngabakwaSappi. Umnyango uqale ukusakhela amakilasi ngo-2004.
USthokozo Mngadi, uNaledi Nguzane noNtando Mkhize befunda izincwadi ezitholakala kumtapo wolwazi ongaphakathi esikoleni eDlambula Primary
“Akulula ukungena ngaphansi kohla lwezikole okumele zakhelwe amakilasi emnyangweni, bengilokhu ngibhala izincwadi ngicela, kusukela ngo-2005 size sakhelwa amanye amakilasi ngo-2011.
Uma esephothuliwe kube lula ukuthi samukele abafundi abaningi. Abafundi abafunda kulesi sikole baqhamuka eMgababa, eMagabheni, Ifracombe naseMkhomazi, bahamba ngebhasi elikhokhelwa umnyango,” kusho uMathe.
UMathe uthe umfaniswano wesikole uthengwa esikoleni okwenza ufane ncimishi.
Kulesi sikole kunabafundi abangaphansi kohlelo iSoul Buddyz Club olwasungulwa iSoul City Institute for Health and Development Communication, ngokubambisana noMnyango wezeMfundo kuleli neSABC Education.
Abafundi abakulo bafunda kabanzi ngegciwane lengculazi, bagqugquzela abanye ukuthi bathande imfundo bangaphazamiswa yizimo ezingezinhle abahlangabezana nazo emakhaya.
UMbali Mayeza noNzuzo Sikhakhane abafunda uGrade 7 abangaphansi kohlelo lweSoul Buddyz Club, bathe umsebenzi wabo wukubheka abafundi emakilasini, babakhuthaze ukuthi bafunde. Uma bethola ukuthi banezinkinga eziholela ekutheni bangafundi kahle babikela othisha.
“Ungalindela ukuthi abafundi bangasithandi ngoba sibuye sibe ngama-class monitors, kodwa bayasithanda yize bazi ukuthi siyiso lothisha lapha esikoleni,”kusho uNzuzo.
UMathe uthe sebeqalile ukubuyisa izikawoti kulesi sikole ngoba banenkolelo yokuthi abafundi abangaphansi kwazo baba nesimilo esiqoqekile, okubasizayo noma bengasebona abafundi.
Uma kuvalwe izikole uMathe uthe baba nezinhlelo zokufunda ezihlelelwe amaholidi.
“Ngalezo zinhlelo sisuke sihlose ukuthi abafundi bangabi naso isikhathi sokuthi bazibandakanye nezinto ezingabaphazamisa ekufundeni. Sifuna ukuthi noma bengekho esikoleni bavakashe kodwa lokho kuvakasha kube ngokuzobasiza uma sebebuyele emakilasini.
UMnuz Dumisani Shange ofundisa i-Economics Management Sciences kwaGrade 7, abuye afundise ikhompyutha, uthe ingxenye yomsebenzi wakhe ukucija abafundi ukuthi bakwazi ukusebenzisa ikhompyutha. Ngaphakathi kulesi sikole kunomtapo wolwazi onezincwadi ezilungele bonke abafundi abakulesi sikole.
“Isikole sethu singaphandle kwedolobha akulula ukuthi umfundi aphume esikoleni aye edolobheni ayofunda. Izincwadi esinazo ezisiza abafundi bethu ukuthi bakwazi ukufunda, ukubala, ukuxoxa nokunye,” kusho uShange.
Lesi sikole siphume phambili nyakenye emncintiswaneni ohlelwa uMasipala weTheku oba minyaka yonke, wokuxoxa izindaba nokufunda.
Kulo mncintiswano kusuke kuqhathwe izikole zamabanga aphansi ezingaphansi kweSekethe yaseMlaza.