KUBATSHAZWA unya okubulawe ngaso owesilisa wakwaNdengezi, okuthiwa ugencwe ngocelemba ezama ukulamulela umngani wakhe, obehlanganyelwa ngabesilisa ababili nezintombi zabo.
Umufi uMnuz Nhlanhla Cele, kuthiwa ubizwe ngumngani wakhe uMnuz Lindo Mtshali, obesendaweni yobumnandi emazisa ukuthi kukhona abamhlaselayo.
UCele obesanda kuvuka kade elele, kuthiwa uphuthume kule ndawo wafike wagencwa, washona. Umthombo uthi kusolakala ukuthi uMtshali ubephuza ubusuku bonke wagcina esehlaselwa wase ecela usizo kumufi.
"UNhlanhla uziyale ngokuqonda ngqo lapho obekuhlaselwa khona umngani wakhe. Sesiqala ukusola ukuthi abantu abambulele bebevele befuna ukuqeda nya, ngaye. Kuthe esasondela nje kubona ebuza ukuthi bamshayelani umngani wakhe, oyedwa wabesilisa wavele wamgwaza ngommese.
“Umnikazi wendawo yokucima ukoma wabe esemhlahlela lapho ngobhushu kubuka amalungu omphakathi," kusho umthombo.
Uqhube wathi amalungu omphakathi ashaqekile ngesikhathi ebuka isigameko futhi angakwazi nokungenelela ngoba esaba into abeyibuka. Uthe ngesikhathi beqeda ukugengca umufi badlulele kumngani wakhe olimale kanzima.
"Indlela abelimele ngayo umufi ubemanxebanxeba emzimbeni, uphangalale emtholampilo wendawo aphuthunyiswe kuwona. Isigameko esehlele umndeni kamufi sinyantisa igazi futhi siyazibuza sonke ukuthi kanti uboneni kangaka ebantwini abebemlimaza," kulandisa umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshuinda usiqinisekisile isigameko sokufa kowesilisa wakwaNdengezi.
"Amaphoyisa esiteshi kwaNdengezi aphenya icala lokubulawa kowesilisa," kusho uColonel Robert Netshuinda. Abasolwa ngokubulala uCele kuthiwa basagcwele amathafa.
Isolezwe ngeSonto lihabule ukuthi umnikazi wethaveni nomufi bake bahilizisana ezinyangeni ezedlule kodwa akucaci ukuthi babebangani.
Ethintwa udadewabo kamufi uNksz Nosipho Cele, uthe akukho angakuphawula ngodaba ngoba ubengekho ngesikhathi kuliwa.