IZOZIFIKELA mathupha ezimbonini i-Unemployment Insurance Fund (UIF) ukuqinisekisa ukuthi abaqashi abahlomula kwiCovid-19 TERS bayisebenzisa ngendlela efanele yini le mali.
Lezi zindaba zidalulwe wuKhomishana we-UIF, uMnuz Teboho Maruping ngoLwesihlanu ngesikhathi ehambele eCape Town, eqhuba isigaba sesibili sokulandela imali ye-Covid-19 TERS.
U-Maruping nethimba le-UIF bebehambisana nabacwaningi mabhuku ngesikhathi beyobheka ukuthi kwahlomula abantu abafanele yini eRickard Air Diffusion ese-Lansdowne, eCape Town.
Uthe uhlelo lokuqinisekisa ukuthi yonke imali yaya ezandleni ezifanele, luthatha izinsuku ezinhlanu njengoba abacwaningi mabhuku nethimba le-UIF benika umqashi ithuba lokuziphendulela.
“Lokhu esikwenzayo siyathemba ukuthi kuzosivezela ukuthi sinabaqashi abathembekile abenza izinto ngendlela efanele. Sinqume ukuthi siqinise umkhankaso wethu sisebenzisane nabacwaningi mabhuku ukuze kujeziswe abakhwabanisa imali ye-UIF,” kusho uMaruping.
Uthe sebebophe abaqondisi ababili benye inkampani eyakhwabanisa uR10.6 million we-Covid-19 TERS.
Laba baqondisi bagwetshwe iminyaka ewu-10 bebhadla ejele bahlawuliswa noR600 000.
UMaruping uthe ukuboshwa kwabo kulandela uphenyo olunzulu lwe-UIF, nezinhlaka zomthetho ezihlukene okubalwa kuzo oKlebe, uphiko lwezokushushisa neFinancial Intelligence Centre (FIC).
UMaruping uthe uyaziqhenya ngomsebenzi wethimba le-UIF nazo zonke izinhlaka ezisebenzisana nayo futhi ngeke aphumule bengakasenzi isiqiniseko sokuthi imali yaya kubasebenzi abafanele.
Uxwayise bonke ababekhwabanisa imali ye-Covid-19 TERS okwakufanele isize abasebenzi ngesikhathi izimboni zabo zikhinyabezwe yiCovid-19 ngokuthi bazojeziswa. Uthe ngeke bawubalekele umthetho ngoba bamatasa bayaphenya.
Uveze ukuthi basebenzisana nabacwaningi mabhuku abangaphezu kuka-360 ababheka ukuthi yonke imali eyakhishwa yi-UIF ye-Covid-19 TERS yaphelelaphi.
Uphethe ngokuthi bazowuqhuba umkhankaso wokulandela imali kuyo yonke iNingizimu Afrika baze bazingenele ngqo ezimbonini zabaqashi.