KWENZEKE okungajwayelekil, eBottlebrush, eChatsworth, eThekwini, njengoba kuthiwa ilungu lomndeni wabasolwa abebezokhalelwa ngamasongo kaSigonyela, lingqongqisa ngomlilo imoto yamaphoyisa lisekwa yiqeqebane.
Kulesi sigameko kuthiwa kuphinde kwakhandwa ngamatshe enye imoto yamaphoyisa.
Ngokusho komthombo, imoto ishiswe ngumfowabo wowesifazane obezoboshwa ngamaphoyisa ngoLwesine.
“Amaphoyisa agasele komunye wemijondolo ekule ndawo ezintatha ngenhloso yokubopha izithandani. Athe esematasa nalokho, aqaphela ukuthi sekukhona ilangabi lapho ebepake khona izimoto. Kushe eyodwa yophiko lwePublic Order Policing,” kusho umthombo.
Uthe le moto ishe nazo zonke izinsizakusebenza kanjalo namaselula amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ophiko lwe-eThekwini District Task Team abephansi phezulu efunana nabasolwa ngecala lokubulala.
Uthe kugcine kubonakala ukuthi kudingeka amanye amaphoyisa ukuba azolekelela nokuyilapho kubizwe khona amanye ophiko lwePublic Order Policing.
“Ngesikhathi amaphoyisa ematasa ejaha abasolwa ngonyawo, iqeqebana lamalungu omphakathi lishise imoto yamaphoyisa laphinde lakhanda ngamatshe enye,” kusho uNetshiunda.
Ucacise ukuthi lesi senzo sokuhlaselwa kwezimoto zamaphoyisa akuzange kuwavimbe ukuthi aqhubeke nokubopha abasolwa ebebebafuna.
“Baboshwe bobabili, kanti batholwe nezibhamu ezimbili ne-air rifle,” kusho uNetshiunda, othe kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, usigxekile isenzo sokuhlaselwa kwezimoto zamaphoyisa.
Uqhube wathi ukuphazanyiswa kwezinsizakusebenza zamaphoyisa kungukuhlasela ngqo uhulumeni.
Ufunge wagomela ukuthi amaphoyisa azokwenza konke okusemandleni ukuthi abambe abenze lokhu.
“Amalungu omphakathi ahlale ekhala ngokuthi izinsizakusebenza zamaphoyisa azenele, nokuyinto ekhathaza wonke umuntu, bese kuba khona abantu abafana nalaba, abanezinhloso zokunqinda ukusebenza kwamaphoyisa ukuze baqhubeke nokucanasa,” kusho uMkhwanazi.
Ukubeke kwacaca ukuthi ukushiswa nokukhandwa ngamatshe kwezimoto zamaphoyisa kuyicala elibomvu, wathi amaphoyisa asevele aphansi phezulu acinga abenze lesi sigameko.