MKHULU umonakalo odalwe yimvula enamandla ebihambisana nokuduma kwezulu KwaNongoma, ngoLwesihlanu.
Ngokusho koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, ayisishiyagalombili amawadi akhahlamezekile kule mvula.
Kuvela ukuthi ingu-78 imizi ecekeleke phansi, emithathu yayo iphele nya.
UNgqongqoshe womnyango, uNkk Bongiwe Sithole-Moloyi uthe bangu-600 abantu abakhahlanyezwe yimvula, waveza nokuthi akekho okubikwe ukuthi ushonile noma ulimele.
“Amakilasi asesikoleni iNhlanhlayethu Secondary nawo athintekile, isakhiwo sesonto nehholo lomphakathi kupheshukelwe wuphahla,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Ubuye wabalula nokuthi kuthinteke ingqalasizinda kagesi emawadini amahlanu, kwalimala nesiphehlimanzi okuholele ekutheni kuphazamiseke ukhanjiswa kwamanzi kwezinye izindawo.
“Siwumnyango siyazwelana nabakhahlamezekile. Amathimba ethu ezinhlekelele asejutshiwe ukuba ayohlola isimo. Siyasebenzisana neminye iminyango owezokuHlaliswa kwaBantu, owezokuThuthukiswa koMphakathi nowezeMpilo ukuyonikezela ngosizo,” kusho uNkk Khoza.
Uqwashise abantu bakule ndawo ukuthi njengoba lisanda kuna imvula enkulu, imifula eminingi isagcwele.
“Siyabanxusa ukuthi baqaphele, bangaweli imifula egcwele ukuze bagweme ukulahleka kwempilo,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Uveze ukuthi lukhona usizo oseluvele luhanjisiwe, phakathi kwalo ubale amatende, amanzi nokunye.
“Uhlu lwabakhahlamezekile luzophothulwa bese luhanjiswa eminyangweni efanele ukuze basizakale, njengoMnyango wezaseKhaya kulabo abalahlekelwe womazisi, imithi yabo yezifo ezehlukene nenyufomu ezinganeni ezifunda isikole,” kusho yena.