UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukhiphe isexwayiso sokuthi amathimba ezinhlekelele ame ngomumo njengoba kulindeleke ukuthi kube nezimvula ezinamandla kulesi sifundazwe namuhla nangoLwesihlanu.
UNgqongqoshe woMnyango uMnuz Sipho Hlomuka uthe lokhu kuza emva kokuthi abeSouth African Weather Service bethe izingxenye eziningi zesifundazwe zizoba nezimvula ezinamandla ezingaholela ekutheni kube nezikhukhula.
“Abantu okufanele baqaphele kakhulu yilabo abahlala ezindaweni ezehlelayo, ezisondele emfuleni, abanezindlu ezisengcupheni yokuwa, abeqa amabhuloho amafishane nemigwaqo ejwayele ukugcwala amanzi,” kusho uHlomuka.
Uthe izindawo ezizokhahlamezeka yiBig Five KwaHlabisa, Hluhluwe, Jozini, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mthonjaneni, Mtubatuba, Ndwedwe, Richmond, Msunduzi, Mhlabayalingane, Mhlathuze, Mlalazi naseMshwathi.
Uthe lezi zindawo zizoba nemvula elinganiselwa ezingeni lesishiyagalolunye.
Uphinde wathi izindawo ezifana naBaqulusi, Indaka, Mnambithi, Dannhauser, Dr Nkosazana Dlamini-Zuma, Dumbe, Madlangeni, Ndumeni, Greater Kokstad, Mpendle, Ingwe, Escourt, Sobabili, Mpofana Giants Castle, Mpofana- Mooi River, Msinga, Newcastle, Nkandla, Nongoma, Nquthu, oKhahlamba, Ray Nkonyeni, Ubuhlebezwe, uLundi, Mdoni, Mngeni, Muziwabantu, Mvoti, Mzimkhulu noMzumbe zona zizoba nemvula esesigabeni sesihlanu.
Uthe abantu bakulezi zindawo bayanxuswa ukuthi bangathathi izindlela ezingenasidingo ngoba lokho kuzobabeka engozini.
Uthe abazali nabo bayanxuswa ukuthi baqaphe ngeso lokhozi izingane zabo, zingabhukudi emifuleni noma emanzini ami ndawonye.
“Phakathi kwezinye izinto abantu okungafanele bazenze, wukuhlala ezindaweni ezingahle zigcwale amanzi ngokushesha, bangeqi imifula, amabhuloho nemigwaqo egcwele amanzi,” kusho yena.
U nabahamba ngezimoto, bayanxuswa ukuthi bangaphoqeleli ukuhamba emabhulohweni amafishane futhi bagweme nezinye izindawo ezigcwele amanzi.
Uphethe ngokuthi anxusa abantu ukuthi babeke indlebe emisakazweni nokumathelevishini ukuze bahlale bethola ulwazi ngokuqhubekayo.
Uthe abantu uma bezithola bedinga usizo, bayanxuswa ukuthi baxhumane namakhansela ezindawo abahlala kuzo, bacele usizo.