I-APP yeMaths entsha isikopishwe izikhathi ezingaphezu kuka 1000 selokhu yethuliwe ngesonto eledlule.
Kuthenjwa ukuthi i-App, esungulwe owayeyisitshudeni sase-University of KwaZulu-Natal, uMnuz Lloyd Gordon (26), ebizwa nge-Open Omnia, izokwenza kube lula ukwenza iMaths kubafundi nezitshudeni.
UGordon uthe ikopishwe eNingizimu Afrika naseNamibia, USA, United Kingdom ne-Egypt.
UGordon, ozalelwe eMgungundlovu wathweswa iziqu zeComputer Science ngo-2017, uthe kuthathe ngaphezu kweminyaka emibili ukuphothula ukwenza i-App. Uthe ubunzima ahlangabezana nabo efunda iMaths esikoleni yikona okwenze asungule i-App.
“Yayinzima kakhulu iMaths kimi ngesikhathi ngifunda esikoleni samabanga aphezulu. Ngangisebenza kanzima ukuzama ukuyiqonda ngenxa yokuthi ngangingenayo nemali yokukhokhela umuntu owayengangifundisa yona ngaphandle kwasesikoleni,” kusho uGordon.
Nge-Open Omnia kuhloswe ukusiza izitshudeni ukuthi ziqonde iMaths kangcono ngokutshengisa zonke izindlela zokuyenza. Ingasetshenziswa ngabafundi basesikoleni samabanga aphezulu nezitshudeni zasenyuvesi.
UGordon uthe uyakujabulela ukusekwa yi-InQubate yase UKZN. Uphinde wabonga ukusizwa yibhange Ithala emuva kokuphuma indawo yesibili nokuwina uR50 000 kade efake i-App emncintiswaneni weThala owaziwa nge-Ithala Development Finance Corporation’s Inkuzi isematholeni Youth in Business ngo-2017.
Echaza ukubaluleka kweMaths, ofundisa enyuvesi yaseWits, uMnuz Aaron Koopman, uthe ngesikhathi abafundi bethola ubunzima babefuna ukuyiyeka bakhethe iMath Literacy. IMaths isiza umuntu ukuthi aphikelele aphinde acabange ngokujula uma efuna ukulungisa inkinga.
“Izinkampani zifuna abantu abakwazi ukucabanga bejule uma kumele kulungiswe izinkinga. Ukucabanga kanjalo kwenzeka uma wazi iMaths,” kusho uKoopman.