KUBHEKWE ukuthi ibeke iTheku, ebalazweni inxanxathela yezitolo, i-Oceans Mall, eyethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu, eMhlanga.
Kubikwa ukuthi ukwakhiwa kwenxanxathela kudle izigidi njengoba yaqalwa ngo-2017, kodwa isiphothuliwe futhi ngoLwesibili izovulelwa umphakathi.
Emcimbini yokuyethula obusehhotela elixhumene nenxanxathela iRadisson Blu, kuvele ukuthi ibalwa njengenye yezintathu ezihamba phambili ezweni.
Usomabhizinisi waseThekwini, uMnuz Vivian Reddy, omunye wabasekhaleni lokusungulwa kwayo, uthe babonga ukuthi ligcine lifezekile iphupho labo benozakwabo uMnuz Rob Alexander, lokugqamisa iKwaZulu-Natal.
Umcimbi ubunezikhulumi eziyizikhulu zikahulumeni okubalwa uNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, isikhulu esiphezulu sakwaGovernment Employees Pension Fund (GEPF), uMnuz Musa Mabesa nabePublic Investment Corporation (PIC).
“I-Oceans Mall ivule amathuba emisebenzi isakhiwa kanti noma isivuliwe ivale igebe elikhulu lokuhlinzeka ngemisebenzi. Isezingeni lomhlaba ngoba inezitolo zemikhiqizo yamazwe aphesheya kwezilwandle,” kusho uReddy.
Umphathi wohlelo uVanessa Marawa, umemezele isixoliso seSilo uMisuzulu kaZwelithini, obekulindeleke ukuthi athamele umcimbi kodwa wagcina engaphumeleli ngoba ebambeke KwaNongoma.
Ingxenye yayo yokuqala ebivulwa ihlanganise izitolo zokudla eziyizintandokazi kuleli. Ingxenye ebhekwe kakhulu, eqanjwe ngokuthi iPlatinum Walk, inezitolo zikanokusho zezimpahla zokugqoka kanti yona izovulwa ngoMashi wonyaka ozayo.
UKaunda uthe umkhandlu uzokwenza okusemandleni ukuthi liyavulwa ibhishi laseMhlanga, ukuze izihambeli zenxanxathela zizokwazi ukuzithokozisa nasolwandle.
Phakathi kwezitolo zikanokusho ezilindelekile kubalwa eseDolce & Gabbana, Burberry, Versace nezinye eziyisishiyagalombili.
Kuvele obala ukuthakaselwa kwenxanxathela ngesikhathi kwenzeka isimanga kuqashwa zonke izitolo njengoba sekuqashwe ingxenye ewu-97 wamaphesenti.