KUSHUBILE eminyangweni kahulumeni engazikhokheli izidingo zomasipala, okubalwa amanzi nogesi njengoba iSouth African Local Government Association (Salga) isitshele omasipala ukuthi bavale amanzi nogesi okuthunyelwa eminyangweni ekweletayo.
USihlalo weSalga KwaZuluNatal, uMnuz Thami Ntuli, uthe omasipala bazithola beswela imali yokulungisa ingqalasizinda nokuthumela kahle izidingo kubantu, ngenxa yeminyango kahulumeni engazikhokheli izidingo.
“Kuyakhinyabeza kakhulu ukuthi eminye iminyango kahulumeni ayizikhokheli izidingo. Sigqugquzela omasipala ukuthi bazinqamule izidingo ezithunyelwa kule minyango. Ngeke sihlukumeze abantu kodwa sizobe sigqugquzela iminyango kahulumeni ukuthi ikhokhele izidingo,” kusho uNtuli.
Uthe ngonyaka omasipala balahlekelwa wuR9 billion ngenxa yamanzi namapayipi avuzayo.
“Kufanele silubheke ngeso elibanzi udaba lwamapayipi avuzayo ngoba uma uya lapho kusebenza khona abasebenzi bamanzi, ufica izimoto ozibuzayo ukuthi abasebenzi bamanzi bazithenga ngani.
“Lapho ngiyimeya khona eKing Cetshwayo ngithole ukuthi iningi imali ebisebenza kuqashwa amaloli athumela amanzi nokuthi kuze osonkontileka abazimele balungise amapayipi amanzi aqhumile,” kusho uNtuli.
Uveze ukuthi emuva kokubona izindleko ezinkulu kanjena zamanzi, umasipala ube usunquma ukuqasha oplamba abaningi abazolungisa amapayipi aqhumayo. Selokhu bethathe lesi sinqumo kunciphile ukuqhuma kwamapayipi.
Uthe kufanele izimeya ziyihambele ingqalasizinda yamanzi nayo yonke ingqalasizinda kamasipala ukuze ziqonde kabanzi okwenzekayo.
“Kwezinye izikhungo kuthiwa amanzi awaphumi ngenxa yengqalasizinda endala kodwa uma usuyozibhekela ukuthi kuqhubekani, utshelwa ukuthi sekulungisiwe amabhawodi, amanzi aseyaphuma. Kufanele sibe nesibindi siyizimeya, sazi ukuthi esikwenzayo senzela ukuthumela izidingo emphakathini,” kusho uNtuli.
Uthe akafuni kube nemiphakathi ebanga amanzi nezinkomo, yingakho beba nezithangami zokucobelelana ngolwazi ngamanzi, ukuqoqwa kwemali, ukucwaningwa kwamabhuku nezinye ezizosiza omasipala.
UNkk Bongiwe Msane, ongumqondisi obhekele omasipala eMnyangweni wezaManzi neNhlanzeko, uthe iSalga inalo ilungelo lokuyalela omasipala ukuthi banqamule amanzi eminyangweni kahulumeni engakhokhi ngesikhathi.
Uthe ikhona imali yokusiza omasipala ukuthi balungise ingqalasizinda yamanzi endala kodwa kufanele bathumele izinhlelo ezicacile zokuthi yini edinga ukulungiswa nokuthi kuzobiza malini ukuba ilungiswe.
UMnuz Ashley Starkey, oyiNhloko yoMnyango wezaManzi neNhlanzeko KwaZulu-Natal uthe bayakwazi ukunika omasipala imali ewuR940 million ukuze ulungise ingqalasizinda yokuthumela amanzi ngokushesha. Lapha ubale ukulungiswa kwamapayipi nokumbiwa kwamanzi ngaphansi komhlaba.
USihlalo weSalga KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthi bazowavala amanzi nezinye izidingo ezithunyelwa emnyangweni kahulumeni engakhokhi. 🎥 @BoniMoh pic.twitter.com/fsEIkeCg8U
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) August 3, 2022